ONGOTI bacebisa ngezithelo eziyingozi uma zidliwa ngabanesifo sikashukela
Image: SITHUNYELWE
NAKUBA abantu abaningi bezitshela ukuthi ukuphathwa yisifo sikashukela kudinga ukuthi udle ukudla okunempilo kakhulu kuhlanganisa nezithelo ukuze umzimba uhlale unamandla, kodwa futhi zikhona izithelo ezingaba yingozi emzimbeni uma uzidla ngokweqile.
Lokho kushiwo ngabesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, bexwayisa abantu abanalesi sifo ngokuthi nakuba kumqoka ukuthi baziphathe kahle futhi badle ukudla okunempilo ukusiza ukuthi baphile kade, kepha futhi kumele bagweme izidlo ezithile ezinempilo ngoba ukuzidla mawala kungaba nomthelela omubi egazini nasemzimbeni.
Bathe lokho kwenzeka ngokuthi kunezithelo ezine-fructose, okuwushukela otholakala kuzona, nongabonakala sengathi unempilo kunoshukela ojwayelekile, kodwa okuthi uma sewudle leso sithelo, umzimba uwuphendule uwenze ube yi-glucose lokho okungenza ukuthi kulabo bantu abanesifo sikashukela, likhuphuke kakhulu izinga likashukela egazini.
Ezinye zezithelo okumele unciphise kuzo uma unesifo soshukela
Nokho akuzona zonke izithelo ezinoshukela omningi namafutha angaba yingozi egazini. Zikhona ezidingeka kakhulu nezisiza umzimba ukubuyisa amandla. Ezinye zazo yilezi:
- Ama-berry okungaba aba-strawberry, blueberry nama-rasberries.
- Ama-aphula namagonandoda.
- Ukwatapeya
- Amagwava.
Ukukwazi ukumelana nesifo sikashukela akusho ukuthi yeka ukudla izithelo, kepha kusho ukuthi kumele ubheke indlela othaka ngayo ukudla okudlayo, yindlela okudla ngayo nezikhathi odla ngazo ukugwema ukuzigwaza ngowakho ngento ebingagwemeka.