Impilo Yabantu Ezempilo

OkaHlophe ukhuthaza abanezifo ezingamahlalakhona

Simangaliso Ntshangase|Published

OMUNYE wodadewabo besilomo sikasomahlaya futhi esiwumsakazi weGagasi FM ongaconsi phansi ebantwini uFelix Hlophe, usekhuthaze abantu abanezifo eziyimbelesela ukuthi bangavumeli ukuthi ukuhaqwa yizona kumise impilo yabo.

Lowo wuNksz Nozipho Hlophe, osanda kubonakala ohlelweni lukamfowabo oluthi Life With Felix Hlophe, osephumele obala wadalula ukuthi uphila nesifo esibizwa nge-auto-immune condition, okusho ukuthi unenkinga yamasosha omzimba azicindezelayo futhi alwa wodwa ngaphakathi emzimbeni, okwenza ukuthi kulimale ezinye izicubu zomzimba.

Engxoxweni ekhethekile neSolezwe, uNksz Hlophe (55) udalule ukuthi wathola ukuthi unenkinga yalesi sifo eminyakeni ewu-15 edlule, futhi kwavela nokuthi inkinga ngaso wukuthi ayikabi bikho indlela yokuselapha nokuth isikhathi esiningi sikuphatha ngenxa yofuzo uma kusuke kukhona esake samphatha emndenini wakho esikhathini esidlule.

UNKSZ Nozipho Hlophe, udadewabo kasomahlaya uFelix Hlophe, usebhoboke ngezifo eziyimbelesela aphila nazo

Image: SITHUNYELWE

“Odokotela bangitshela ukuthi ngenxa yalesi sifo esesizikholise kakhulu emzimbeni kwakumele ukuthi ngishone ngabo-2016, kuya ku-2017 kanje kodwa kwangenzeka. Ukudloba kwaso egazini kwenze ukuthi ngihaqwe yizifo eziyimbelesela ezinhlanu ezidalwa yiso okungesomfutho ophezulu wegazi, yisifo samaphaphu, yisifo samathambo, yi-anaemia ne-asthma. Zonke lezi zifo zingihaqe isikhathi eside futhi ziyimbelesela, okusho ukuthi kudingeka ngisebenzse imithi yazo ukuzigcina ngiphilile,” kusho uNksz Hlophe.

Uthe kule minyaka edlule kuke kwaba nzima kakhulu kangangokuthi kunesikhathi lapho ayephoqeka khona ukuthi asebenzise umshini ukuze aphefumule nsuku zonke kwaze kwaba wukuthi uyasimama, okwakudalwe wukuthi ngaleso sikhathi amaphaphu akhe ayengakwazi ukusebenza kahle kwaba yiminyaka emibili yonke ephila ngaleyo ndlela.

UNKSZ Nozipho Hlophe, udadewabo kasomahlaya uFelix Hlophe, usebhoboke ngezifo eziyimbelesela aphila nazo

Image: SITHUNYELWE

“Okwenze ukuthi ngiphumele obala ngalezi zifo enginazo wukuthi indaba yokugula kwami yaduma kakhulu ngasekhaya, okwenza ukuthi abantu abaningi bethuka kakhulu ngenkathi bengibona ohlelweni lukamfowethu ngibukeka ngiwumqemane futhi ngimuhle. Nokuthi nje ngifuna ukukhuthaza abanye abantu ukuthi bangaziyekeleli ngoba nakhu begula, njengoba nami ngenza nje - nakhu manje ngibonakala kolunye lwezinhlelo ezihamba phambili ezweni, futhi ngiwusomabhizinisi njengoba nginebhizinisi lokuthutha impahla,” usho kanje.

Uthe ngokujwayelekile abantu abanalesi sifo bavame ukuphila iminyaka emihlanu kuphela bese beyashona, kanti kuyena lokho kufanele ngabe kwenzeke ngabo-2020, wathi ubonga umusa kaNkulunkulu ngokumgcina ephilile futhi ekwazi ukumelana nobunzima balezi zifo kuze kube yimanje.