Impilo Yabantu Ezempilo

Ukuphuza utshwala ngokweqile kungathikameza ukusebenza kwengqondo

Simangaliso Ntshangase|Published

Ukuphuza utshwala kakhulu kuyayithikameza ingqondo

Image: Ayanda Ndamane / Independent Newspapers

KUYINTO ejwayelekile ukuthi umuntu osuke elale enkukhe mawala ezinkanjini zikaFaro, avuke ngakusasa ekhala ngebhabhalazi, isimo lapho umzimba usuke ukhathele futhi uzizwa sengathi ungathola esinye isiphuzo sokwenza uzizwe ungcono kunosuke uyikhona.

Nokho ngaphandle kwalokho, esinye isimo esenzeka uma uphuze ngokweqile ngesibizwa nge-hangxiety, okubukeka sanda kakhulu futhi silokhu siqhubeka siba yinkinga ebantwini abehlukene abakhonze ukuzijabulisa ngokuphuza utshwala.

Iyini yona i-hangxiety?

Yisimo esihlanganisa ukuphathwa yibhabhalazi nokugqilazeka emqondweni okudalwa wutshwala, okuthi uma sekukuphethe kwenze ukuthi umqondo ucabange ngokweqile, kwenze ukuthi ungahlaliseki futhi uxhamazele ngisho kungenasidingo. Lokhu kuyisimo esingesihle nesiwuphazamisayo umqondo womuntu njengoba senza nokuthi azisole kakhulu, abe nokukhathazeka kokuzibuza ukuthi engabe kukhona yini okwenzile noma okushilo ebantwni okungalungile? Kwenza nokuthi umunti avele aphelelwe wumdlala, kube sengathi angangenza lutho nje, abe nokukhazatheka futhi adinwe wubala ngaleso sikhathi.

ONGOTI bezempilo baxwayisa abantu ngobungozi bokuphuza ngokweqile emqondweni wabo

Image: SITHUNYELWE

Nakuba lokhu kuzwakala futhi kubonakala kuyinto enganakeki kodwa kuvame ukuba nomthelela omubi emqondweni womuntu, kangangokuthi uma kulokhu kwenzeka kungagcina kwenze umonakalo omkhulu.

Utshwala kuwuthikameza kanjani umqondo womuntu?

- Lokho kwenzeka ngokuthi ukuphuza utshwala kwenza ukuthi umoya womuntu ube phansi futhi ukhululeke kuze kweqe, okwenza ukuthi uma sebuphelile noma sebudamukile egazini, kushiye umzimba womuntu uzama ngokweqile ukubhalansisa isimo esijwayelekile sempilo yakho okusuke kumele ube kusona vele, bese kushayisa kanjalo emqondweni. 

Lokhu kwenzeka ngokuthi utshwala kunika amandla i-gamma-aminobutric acid emzimbeni, yona eyenza ukuthi ukhululeke kakhulu, bese kucindezeleka i-glutamate eyeyamene nokwenza ukuthi umqondo wakho uqaphe futhi uhlomele izimo ezahlukene. Ngakho kuthi uma usuyekile noma usumile ukupheza, ingqondo ikhiqize i-glutamate ngokweqile, isizama ukubhalansisa isimo sokumele kube yikhona - okwenza ugqilazeke emqondweni, ungabi nakho ukukhululeka bese ucasulwa nawubala. 

Kwenzeka nangokuthi utshwala kungakusiza ukuthi usheshe uzumeke, ulale, kodwa inkinga ngalokho wukuthi kunciphisa i-Rapid Eye Movement, okuyisigaba esisemqoka sokusebenza kwengqondo uma ulele nesivumela ukuthi ukwazi ukuphupha futhi senze ukhumbule izinto ezikanjalo ezenzeke ngenkathi ulele. Kanti lokhu kulala ngokushesha okwenziwa wutshwala kubuye kwenze ukuthi umzimba wakho utubeke ngakusasa ngoba kuvame ukungeneli kahle. 

Utshwala kulimaza nangokuthi kukhahlaza umzimba negazi, kwenze ukuthi ukhathale ngokweqile, uphelelwe ngamandla, uqhaqhazele futhi ube nenhliziyo encane kungonakele lutho. Kwabanye kwenza ukuthi umuntu avuke engakhumbuli ezinye izinto ezisuke zenzekile ngayizolo, kwenze ukuthi uzisole, ucabange ngokweqile futhi uzizwe uphoxekile - okuba nomthelela omubi emqondweni wakho.

Wobani abasengozini yale nkinga?

- Abantu abavele banezinye izinkinga ezeyamene nokugqilazeka emqondweni.

- Abantu abasha abakhonze ukuhamba ubumnandi nokuphuza ngokweqile.

- Abantu abasebenza imisebenza egqilazayo okwenza bacabange ukuphuza utshwala kuzokwenza isimo sibe ngcono.

- Umuntu onomlando wamalungu omndeni ayenenkinga yokuphuza ngokweqile.

- Abaxuba utshwala nemithi noma imishanguzo ethile ngokwezifo ezithile.

Ukugwema kanjani lokhu?

Akudingeki ukuthi uze uyeke utshwala kuqala andukuba ugweme le nkinga kepha ukuphuza ngokuzicabangela nje kungenza umehluko omkhulu.

- Ngaphambi kokuphuza yidla ukudla okunempilo, uphuze amanzi ngokwanele, ugweme ukuxuba utshwala neziphuzo ezinika amandla bese uyayeka ukuphuza uma usuzizwa usuwanele.

- Ngenkathi uqhubeka uphuza, yibe uphuza amandla, ugweme ukuminya nokuya mawala ezinkanjini zikaFaro, bese uqoka kakhulu iziphuzo ezingenawo amandla kakhulu.

- Emva kokuphuza ushwala, phuza amanzi kakhulu andukuba ulala, lala ngokwanele bese ungazixini kakhulu ngezinto eziningi uma usuvuka ngakusasa.