UKUNGENA kobusika yisikhathi lapho abantu abaningi behaqwa khona wumkhuhlane ngenxa yamakhaza asuke eshubisa umnkantsha.
Image: SIGCINIWE
UKUNGENA kobusika yisikhathi lapho abantu abaningi behaqwa khona wumkhuhlane ngenxa yamakhaza asuke eshubisa umnkantsha. Enye futhi into eba yinkinga ngalesi sikhathi ukuzwela amakhaza ngokweqile, khona okwehluke ngokuthi nakuba kubhoka kakhulu ebusika, kodwa futhi kuyenzeka nangezinye izikhathi zonyaka.
Isikhulu esiphezulu sesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, uMnuz Murray Hewlett sicebise abantu ukuthi bakwazi ukuhlukanisa phakathi kwalezi zimo zombili, bangadidanisi ukuhaqwa ngokuthile, umuntu azitshele ukuthi uhaqwe ngokunye kanti akunjalo.
“Ukwazi ukuthi yini obhekene nayo ngaleso sikhathi kwenza uqonde ukuthi iyiphi indlela okumele uyisebenzise ukuze welaphe isifo esikuphethe. Nakuba ukuzwela amakhaza kudina, kepha umkhuhlane ungakushaya ukulalilse phansi futhi ungaba nomthelela omubi kakhulu emzimbeni wakho. Uma sewazi kabanzi ngalokhu kuba lula ukwazi ukuthi kumele uphumule nini, usizo ulufuna nini, nokuthi ukugwema kanjani ukugula zisuka nje,” kucebisa uHewlett.
Yazi umehluko phakathi kokuguliswa ngamakhaza nomkhuhlane
Nakuba ukuguliswa ngamakhaza nokuphathwa wumkhuhlane kuthikameza ikhala, umphimbo namaphaphu, kodwa akufani. Ukuguliswa ngamakhaza kuvame ukuza kancane, kancane, kuqala ngokuthi kube buhlungu emphinjeni noma ucinane emakhaleni. Lezi zimpawu nakuba zingavela, kodwa azivamile ukuza ngamawala, kungaba wukuthi ulokhu uthimula, uzizwe ucinene, noma ukhwehlele lokhu okungatheni.
Ungazizwa ukhathele, kodwa futhi ube nawo amandla okuqhubeka nemisebenzi yosuku. Nokho uma usuphethwe wumkhuhlane kuba nzima kakhulu kunalokhu. Umkhuhlane ukubamba ngokushesha, okungangokuthi ungazizwa ungenalutho uma kuqala usuku, kodwa kushone ilanga usubangwa nezibi uma usukuhaqe kahle.
Ezinye zezimpawu zomkhuhlane kuba wukuthi ugodole ngokweqile, ngisho kushisa, kube buhlungu umzimba wonke, uhlale ukhathele, ukhwehlele ngokweqile futhi uphathwe nayikhanda. Uma usukuhaqe kahle kungenza ukuthi ube yisicaba sombhede.
Kusiza ngani ukwazi umehluko walezi zinto?
Ukuguliswa ngamakhaza kungenza ungabi namdlandla nje isikhashana, kuthi umkhuhlane wona ushaya kwezwele kakhulu futhi uma usukuhaqe mawala ungenza nokuthi ungenwe ngezinye izifo okungaba i-pneumonia, i-bronchitis; ukuhlalise isikhathi eside esibhedlela. Okunye futhi wukuthi umkhuhlane uyingozi kakhulu ebantwini besifazane abakhulelwe, abantu abadala, izingane ezincane nakubantu abaphethwe ngezinye izifo.
Yisiphi isikhathi esifanele ukuthi ubonane nodokotela ngaso?
Kwesinye isikhathi kuyasiza ukuthi uma ungaphathekile kahle uhlale ekhaya nje uze ube ngcono, nokho futhi kunezimpawu okumele ukuthi uma ziziveza egazini, uphuthume ukubonana nodokotela kungaze konakale kakhulu. Lezo zimpawu kungaba wukuthi ungakwazi ukuphefumula kahle, noma ube nobuhlungu esifubeni, ukugodola ngokweqile ngisho kushisa; okufanele ukuthi uma kuze kushaya izinsuku eziwu-10 kunganqamuki, uphuthume kudokotela ukuze usizakale kungakonakali kakhulu egazini nasemzimbeni. Okunye futhi okuyaye kuhambisane nalezi zimpawu kuba wukuphelelwa ngamandla, ushaywe yisiyezi, ukungakuthandi ukudla, ukuphelelwa ngamanzi emzimbeni, nokulala ngendlela engajwayelekile - khona okuvama kakhulu ezinganeni.
Yikuphi ongakwenza ukuze ube ngcono?
Okunye okuhle nokusizayo wukuphila ngendlela ezokwenza ukuthi kungabi lula ukungenwa yizifo, ngokuthi uhlale uqinisekisa ukuthi ugeza izandla zakho ngensipho namanzi ngokuvamile. Gwema ukuhlale uthinta ikhala lakho, umlomo namehlo, bese udla ukudla okunempilo, ulale ngokwanele ukuze umzimba wakho uzohlale unamandla okulwa nezifo.
Related Topics: