Impilo Yabantu Ezempilo

Iklabishi linomsoco, akulona elokudliwa ngoba ungenamali

Phili Mjoli|Published

IKLABISHI ungalihlanganisa nezinye izaqathe nemifino uma wenza isaladi ISITHOMBE: SIGCINIWE

KULEZI zinsuku uzwa abantu bekhala ngokuthi le yinyanga yokudla iklabishi ngenxa yokuthi imali yokuthenga inyama ayikho.

Namhlanje sizobheka ukuthi iklabishi ngabe linamiphi imisoco.

Iklabishi linothe ngo-vitamin K, vitamin C nemisoco esiza ukwehlisa umzimba. Amaqabunga alo aluhlaza anezakhamzimba ezisiza ukulwa nezifo, ama-antioxidants.

Ongoti bezokudla bathi iklabishi uma liqhathaniswa neminye imifino alibizi, okwenza babe baningi abantu abakwazi ukulithenga. Ngaphezu kwalokho, linama-calories amancane, okusho ukuthi alinazo izinto ezenza ukuthi umuntu akhuluphale. Abantu abanezinhlelo zokwehlisa umzimba bajwayele ukulifaka ezidlweni zabo ngenxa yalokho.

Umpheki, uNkk Nokuthula Dlamini uthe iklabishi ungalidla ngezindlela eziningi. Ungalipheka ulenze isishebo, ungalenza isaladi, ungalidla lingaphekiwe, ungalenza ama-roll, abanye benza nejusi ngalo.

Amino Acids

Iklabishi linemisoco eyaziwa ngama-amino acid akhiqiza ama-antioxidant, asiza ekutheni umzimba usebenze kahle kungakheki uketshezi oludala ukuthi abantu baguge ngokushesha - ama-free radicals. Ama-amino acid ayasiza nasekutheni imizwa ehambisa umyalezo ebuchosheni isebenze kahle, aphinde asize ekugayekeni kokudla.

Ama-Polyphenol

Umqingo wezempilo i-American Journal of Clinical Nutrition, uveza ukuthi iklabishi linothe ngama-polyphenols asiza ngokuthi: ungavuvukali (okungaba ukuvuvukala kolimi okuhambisana nokudideka okudalwa ukuba buthakathaka kwamasosha omzimba); avikela ukuthi ugule kalula uma udle ukudla okuthile okungahambisani nawe (allergy); asiza ekutheni ukudla kugayeke; asiza nasekutheni inhliziyo isebenze kahle; anciphisa amathuba okuthi uhlaselwe wumdlavuza, okungaba umdlavuza wesikhumba, umdlavuza wendlala yesinye, i-prostate cancer, umdlavuza wamanyikwe, i-pancreatic cancer, umdlavuza wombilo i-oesophageal cancer nokunye.

NgokweMedical News Today, indlela yokwehlisa isisindo - iCabbage Soup Diet - eyaqala ukusetshenziswa ngabantu ngama-1950s, iyasebenza kodwa uma usuyiyekile umzimba ubuyela kulokho obuyikho futhi.

IZINHLOBO ZEKLABISHI

IKLABISHI ELILUHLAZA

IKALE ngolunye uhlobo lwemifino olungena ngaphansi komndeni weklabishi ongalidla uma uthanda iklabishi ISITHOMBE: SIGCINIWE
IKLABISHI lingaphekwa ngezindlela eziningi okungaba isishebo okuyikhona okujwayelekile kodwa ungalenza namaroll ISITHOMBE: SIGCINIWE

Iklabishi linothe ngo-vitamin K, vitamin C nemisoco esiza ukwehlisa umzimba, amaqabunga alo aluhlaza anezakhamzimba ezisiza ukulwa nezifo, ama-antioxidant.

Iklabishi elibomvu (purple) linemisoco efanayo nale etholakala kweliluhlaza bese lengeza ngama-anthocyanin asiza ekuvikeleni ukuvuvukala.

SAVOY CABBAGE

Linemisoco efanayo netholakala kuleli elijwayelekile kodwa lona liqinile uma uliqhathanisa nelijwayelekile eliluhlaza.

IKLABISHI oluwuhlobo lweSavoy lungolunye uhlobo lweklabishi ongashintsha ngalo uma uthanda iklabishi ISITHOMBE: SIGCINIWE

BRUSSELS SPROUT

Iklabishi elingamabholana amancane kunaleli elijwayelekile linothe ngo-vitamin K, C, antioxidant. Kuyenzeka libe nezinsiza ezivikela ukuthi uhlaselwe wumdlavuza.

KALE

Nayo ingena ngaphansi komndeni wemifino eyiklabishi, inothe ngo-vitamin C, K. Inothe kakhulu nangama-antioxidants nezinsiza ezinciphisa amathuba okuvuvukala.