Impilo Yabantu Ezempilo

Alukabi khona ulwazi olwanele ngopokisi wezinkawu

Phili Mjoli|Published

The National Institute for Communicable Diseases (NICD) released a statement on Monday confirming there are no monkeypox cases in South Africa.

INHLANGANO yezeMpilo eMhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), ithi ukusabalala kukapokisi wezinkawu, i-monkeypox kuyakhathaza kodwa okwamanje akukakafinyeleli esigabeni lapho kungathiwa ukuhlasela kwayo kuyisimo esiphuthumayo emhlabeni.

Umqondisi wale nhlangano uDkt Tedros Ghebreyesus, uthe ongoti abehlukene ngaphansi kwale nhlangano bebehlangene bedingida udaba lokubheduka kwalesi sifo bebonisana ngokuthi ngabe sekungamele kuthiwe kumele ukubheduka kwaso kubekwe ngaphansi kwesimo esiphuthumayo yini kwavunyelwana ngokuthi kuyakhathaza kakhulu ukuqubuka kwaso kodwa izikhungo zezempilo emhlabeni ngeke kuthiwe azibe nezinhlelo zaso eziphuthumayo okwamanje.

"Okwamanje lesi sifo sisasiqaphe ngeso lokhozi ukuthi ngabe sizofaka ingcindezi yini ezikhungweni zezempilo," kusho uGhebreyesus.

Uqhube wathi izinkomba abazisebenzisayo zokukala ukuthi sekumele isifo sifakwe ngaphansi kohlu lwezifo okumele kube nezinhlelo eziphuthumayo ngaso, azihambisani nokuthi lesi sifo sifakwe ngaphansi kwalolu hlelo.

Uqhube wathi okwamanje abantu okubikwa ukuthi banaso bangu-3 000, basemazweni angu50 abengakaze abe nomuntu ohlaselwe yilesi sifo phambilini.

"Okwamanje munye umuntu okusabikwe ukuthi ubulawe yilesi sifo, lowo muntu ubenesifo esimenza ukuthi amasosha omzimba abe ntekenteke," kusho yena.

Uqhube wathi lesi sifo sekunesikhathi sikhona emazweni ase-Afrika kodwa asinakiwe, azikho izinhlelo eziqondile zokusilawula futhi alukaze lwenziwe ucwaningo olusibheka kabanzi luveze namasu okusilawula.

"Kumele lokhu kuphele, lesi sifo kumele sibhekwe kabanzi, kungabhekwa sona kuphela kodwa kubhekwe nezinye izifo ezihlasele abantu abahlala emazweni antulayo ezinganakiwe.

"Udaba lwezempilo kumele kubanjiswane ngalo ngoba luthinta wonke umhlaba," kusho yena.

Lesi sifo kuthiwa sithelelana ngokuthi uthintane nomuntu onaso noma ulunywe isinambuzane esinaso noma uthinte igazi noma uketshezi oluphuma kuleso sinambuzane.

Ongoti bezempilo bathi akuvamisile ukuthi umuntu athole lesi sifo ngokusondelana nomuntu onaso kodwa kuyenzeka uma bezothintana ngomzimba okuhlanganisa ukuya ocansini, ukuthinta izingubo zokugqoka nezokulala ezisetshenziswa wumuntu onaso.

Okunye okuthiwa kungenza ukuthi kube lula ukuthi utheleleke ukuthi usondelane nomuntu onaso uma ekhwehlela.Izifo ezike zangena ohlwinini lwezifo okumele zibhekwe ngokushesha, iCovid-19, Swine flu, Ebola, Polio nezinye.

Ikomiti longoti bezifo kwiWHO lithe okwamanje kusamele leli gciwane liqashwe amanye amasonto kubhekwe ukuthi lizoziphatha kanjani.

"Sisafuna ukuthi sithole ulwazi oluthe xaxa ngaso, sithole nolunye ulwazi esingakabi nalo. Uma sesilutholile lolo lwazi kungenzeka isinqumo esithathiwe sishintshe,” kusho uGhebreyesus.