ABESIFAZANE abakhuluphele ngokweqile, abanamafutha amaningi, okhalweni, emathangeni nasedanda kunamathuba amaningi okuthi babe nomdlavuza webele: Isithombe: SIGCINIWE
UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu unxuse abantu besifazane ukuthi bakukhuthalele ukuhlola umdlavuza webele ne-pap smear.
UNkk Simelane-Zulu uthe kuyamkhathaza ukuthi izinhlelo zokuqwashisa nokukhuthaza abantu ukuthi bazihlole umdlavuza ziyaphazamiseka ngenxa yokuhlasela kweCovid-19.
“Ukuhlolwa komdlavuza webele ngebhadi kubukeka kungabalulekile njengokuvika ukusabalala kweCovid-19 esibhekene nayo. Ukuhlolwa umdlavuza webele kubalulekile kubantu besifazane nasemadodeni . Abantu besifazane kubalulekile ukuthi bahlale bezihlola ukuthi abanawo yini umdlavuza webele kanti amadoda wona kumele ahlale ebheka ukuthi izibele zawo azinalo yini ushintsho. Uma kukhona okubonakala kuwushintsho kumele babonane nabezempilo ngokushesha," kusho yena.
Uthe ukuhlale uzibheka uma uyindoda kumele kwenziwe ngamadoda aneminyaka ewu-35 kuya phezulu ngoba yibo abasengcupheni yokuthi bahlaselwe umdlavuza webele..
" Kubalulekile ukuthi sikhuthaze ukuthi abantu bahlolwe umdlavuza ngendlela elinganayo nesigqugquzela ngayo ukuthi abantu bazame ukuziphephisa kwiCovid-19," kusho uNkk Simelane-Zulu.
Uthe KwaZulu-Natal kusenabantu abakholelwa ekutheni ngeke baphathwe umdlavuza ngoba bekholwa ukuthi umdlavuza uphatha abantu abamhlophe kuphela.
" Ukucabanga kanjalo kuholela ekutheni noma umuntu esegula aphuze ukuya esikhungweni sezempilo ngoba engacabangi ukuthi unomdlavuza. Agcine eye esikhungweni sezempilo sekuhambe isikhathi nokugula sekuhambe kakhulu kanti imidlavuza eminingi iyelapheka uma usheshe waqala uhlelo lokwelashwa," kusho uNgqongqoshe.
I-website i-Pinkvilla kuleli sonto iveze ukuthi ukukhuluphala ngokweqile kwenyusa amathuba okuhlaselwa umdlavuza webele.
Le website iveze ukuthi abantu abaningi bakhuluphaliswa ukuthi abaqapheli ukuthi badlani. Ithi iningi labantu linengcindezi yomsebenzi okuholela ekutheni bagcine bedla ukudla okungenayo impilo bese beyakhuluphala, okubadalela inkinga yokuthi kube lula ukuthi bangenwe yizifo okukhona kuzo nesifo somdlavuza.
Ngokwale website abantu besifazane bakhuluphala kakhulu uma sebefika esikhathini lapho bengasayi ezinsukwini zabo kodwa ithi lokho akusho ukuthi uma ukhuluphale ngaphambi kwale sikhathi ungcono.
" Uma ukhuluphale ngalesi sikhathi uqala ukuba sengozini ngesikhathi kubonakala ukuthi ukhuluphele ngokweqile, abakhule bevele bekhuluphele ngokweqile ubungozi bungcono kubo uma beqhathaniswa. nabesifazane abasengcupheni enkulu abanamafutha amaningi esinqeni, emathangeni nasokhalo," kuchaza i-website.
Inhloko yoMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal , uDkt Sandile Tshabalala, ithe kubalulekile ukuthi abantu babheke kakhulu ukudla abakudlayo kakhulukazi ukudla okunoshukela, bagweme nokubhema.