Impilo Yabantu Ezempilo

Uhlu lwezindawo zokugomela iCovid-19 KwaZulu-Natal

Se-Anne Rall|Published

UNGQONGQOSHE wezempilo kuleli uDkt Zweli Mkhize umemezele izindawo zokugomela iCovid-19 KwaZulu- Natal izolo njengoba selithatha elinye igxathu uhlelo lokugonywa kwabantu eNingizimu Afrika.

UMnyango wezeMpilo uzobe uqhuba uhlelo lokugonywa kwabantu emasontweni ezayo. UDkt Mkhize ubememezela izindawo zokugomela iCorona kuzwelonke nokuyilapho eveze nezezifunda eziyishiyagalolunye zaseKZN.

Zimi kanje izifunda:

iLembe DM - General Justice Gizenga Mpanza Hospital

Zululand DM - Vryheid Hospital

Umzinyathi DM - Dundee Hospital

uMgungundlovu DM - Mediclinic Pietermaritzburg Hospital

Uthukela DM - Ladysmith Hospital

eThekwini MM - Netcare St Augustine's Hospital

Bawu-339 655 abasebenzi bezempilo asebegonyiwe. Ukubhalisela ukugonywa kwabantu abaneminyaka engaphezulu kuka-60 kwavulwa ngenyanga edlule. I-Electronic Vaccination Data System (EVDS) ivumela umuntu ukuba afake imininingwane yakhe njengengxenye yohlelo lukahulumeni iSisonke.

Ukubhalisa ungalandela le link: https://vaccine.enroll.health.gov.za bese ulandela imiyalelo.

Ungashaya no *134*832*ID number# noma 134*832# uma ungenayo inamba ye-ID. Ungaphinda ubhalise kuWhatsApp ngokuthumelela igama elithi REGISTER ku 060 012 3456.

Landela imibandela ufake yonke into edingekayo.

Faka indawo lapho ufuna ukugonyelwa khona kungaba ekhaya noma emsebenzini.