BAHLEKA bodwa omaka-Enzo ngokuthi oNgangezwelakhe, iSilo uMisuzulu kaZwelithini, sithathe uNdlunkulu wesithathu okuthiwa unezingane ezimbili okungezona ezeSilo.
Ngempelasonto iSilo silobole uNdlunkulu wesithathu, uNomzamo uKaMyeni, waseJozini okuvele ukuthi unengane esikhulile efunda enyuvesi nencane eneminyaka emine.
Lezi zindaba ziholele ekutheni kusuke inkulumo-mpikiswano ezinkundleni zezokuxhumana, abesifazane bethi iSilo siyindoda yeqiniso, silandele okufunwa inhliziyo yaso.
Bathi sikhombise ukuthi uma ungowesifazane uqhuzukile wazalela ekhaya, akusho ukuthi usuwumdlambila. Amadoda ethi kuzobe kungokokuqala emlandweni ukuthi iSilo sibe usingamzali (stepfather).
si
UNksz Zibu Masotobe Sibiya wenhlangano iKwaMthaniya Women’s Activist Movement NGO, uthe izinkulumo zakamuva ezijivaza abantu besifazane abazalele emakhaya ezenziwe ezinkundleni zezokuxhumana, zenze ukuthi abesifazane abazalele emakhaya bathathwe njengabehluleke ukulalela abazali ngoba kunamadoda abebhala ukuthi bayimidlambila.
"Isenzo seSilo sisikhombise ukuthi umuntu wesifazane awumbheki ngokuthi uzele noma akazele, ubheka ubuyena nokuthi uyamthanda yini. ENingizimu Afrika ngaphezu kuka-75% wezingane ukhuliswa ngomama kuphela. Ilona ichilo lelo, baphi obaba balezi zingane?
“Amakhosi ayakwazi ukushintsha umlando nendlela umphakathi ocabanga ngayo. Uma iSilo sikwenzile, kusho ukuthi noma ngubani angakwenza ngaphandle kokwahlulelwa.
“Yize singenawo umlando ngokuthi kuyaqala yini ukuthi kwenzeke into efana nalena ngoba phambilini bezingekho izinkundla zezokuxhumana, izinto zasendlunkulu bezingasabalali njengoba sekwenzeka manje.
“Uma kunjalo, thina sithi sineSilo esikhombisa ukuthi siphila ku-2024 lapho izinto sezishintshe kakhulu," kusho uNksz Sibiya.
Uthe okunye okubajabulisayo ukuthi iSilo esibusayo okwamanje sisathatha ontanga, okwenza ukuthi uma ungumzali uhambisa itshitshi eMkhosini woMhlanga, ungabi novalo lokucabanga ukuthi iSilo singabuka ingane yakho ngeso “likankosikazi”.
"UNgangezwelakhe kusangenzeka aphinde athathe futhi kodwa okwamanje thina siyajabula. Uma bekuya ngami ngabe ngithi asibe neholidi sibungaze ubuqotho beSilo.
“Sisikhombisile ukuthi isiNtu sithini. Okunye okusithokozisayo ukuthi ngokuzwa kwethu, oNdlunkulu beSilo ngabantu abezwana nabo ngaphambi kokuthi sibe iSilo, okusho ukuthi sineqiniso," kusho uNksz Sibiya.
Ephawula kuFacebook, uSifiso E Buthelezi, uthe: "Angivumi Zibu. No! Inkosi ayikwazi ukuthatha 'umaka-Enzo'! Inkosi ayizidli izinsalela! No. Lo muntu udinga thina okungenani,"
UMbongi Zulu, uthe: "Ayiphele lento yokuthi owesifazane ozele akayilutho, ekubeni eyengwe ngowesilisa, wabaleka. Thina sazi imizi emiswe ngomama abafika benabantwana, ayifudumele umhlola,"
UMpumy Mjadu,uthe:" Yazi ngisamangazwa wukuthi ontaba kayikhonjwa abajabulile ngesenzo sokaNdaba kodwa nobaba babo babekwenza, nomkhulu babekwenza.
“Mina ngazi imizi eminingi kabi eyakhiwe ngomama abese benezingane zakweminye imizi. Afike ubaba omusha athathe umama nezingane kwakhiwe. Manje basebedinwa kangaka?
Kukhona nengibabonile bephawula kodwa emakubo kunesimo esifanayo. Sengihalela nokubagagula ngamagama,".
USolwazi James Maphalala, uthe: "Abantu abayeke ukukhuluma izindaba ezikhulunywa ematshwaleni. ISilo uDinuzulu sasinamakhosikazi angu-70, iSilo uSolomon sasinamakhosikazi angu-50.
“Ngabe wonke lamakhosikazi kwakungamatshitshi? Angifuni ukungena ngichaze ekutheni lamakhosikazi ayeyisima kanjani. Abantu abafunde umlando. Bangaphawuli ngezinto abangazazi."
Uthe KwaZulu awukho umgomo noma isiko elithi iSilo kumele sikhethe uNdlunkulu oyitshitshi.
"Uma uNgangezwe esemkhombile othathe inhliziyo yakhe, akube kusabuzwa ukuthi uyitshitshi noma akalona. Ngizwile nokuthi kuthiwa uNdlunkulu unqabile ukuthi iSilo siyithenge ingane encane.
Esikwaziyo ukuthi ingane ezalelwe ekhaya isala ekhabonina uma unina egana. Ngicabanga ukuthi uNdlunkulu naye ubekushiso ilokho," kusho uMaphalala.