UThobani Zungu ungomunye wosomabhizinisi abahlomule ohlelweni lweMetropolitan Collective Shapers
Image: Sithunyelwe
UKWENTULEKA kwemisebenzi kuphoqa abantu abasha ukuba baqhamuke namasu amabhizinisi ahlukile azobalekelela ukulwa nobubha nokuthuthukisa impilo yabo ngaphandle kokuzinikela ebugebengwini.
Ijongo laseNtuzuma, uThobani Zungu, lingomunye wabantu abasha abayishumi abazame inhlanhla ngohlelo lwe-Metropolitan Collective Shapers ukuzisondeza eduze kwabaxhasi abazomcathulisa ngezindlela ezahlukene ebhizinisini lakhe lezokuthutha.
UThobani ungumnikazi weNGI4Xpress okuyinkampani yokuthutha impahla ayisungula ngo-2024. Okuhle ngale nsizwa wukuthi yazinikeza isikhathi yayokwenza izifundo ze-Logistics enyuvesi, yabuya yabona ithuba lokuqala ibhizinisi layo elokishini.
Ukuba yingxenye yohlelo lwe-Metropolitan Collective Shapers kunikeze uThobani amacebo okuza namasu okushintsha indlela acabanga ngayo ngokukhulisa ibhizinisi, ukucwengisisa izinhlelo zakhe nekhono lokukala ibhizinisi lakhe ngobuchule.
"Kuningi engikufundile kusukela ngijoyine lolu hlelo okunye bengingazi ngempela ukuthi ulwazi engiludingayo njengokucabanga ngentela ngendlela ejulile nokuhlelela izikweletu ukuze ngikwazi ukulawula indlela yokusebenza kwemali," kusho yena.
Uthi into yokuqala abayifundiswa ukuthi uliqala kanjani ibhizinisi ngenhloso yokuphumelela libe ngelizinzile, hhayi ukwenza imali esheshayo.
"Bekukhona nemincintiswano enzima yokuhlunga ngoba sasibaningi esasifake izicelo. Kwaqale kwahlungwa abantu abangu-50, sancipha isibalo sahlala ku-30, saba ngu-20 njengoba sesikhethwe saba ngabayishumi abaphumelele ukuthola uxhaso.
"Ngifundile ngokusebenzisa i-AI, izindaba zentela, ukuthi ulimaketha kanjani ibhizinisi, indlela yokuphatha imali nokuhlela izikweletu zakho ngendlela ukuze ukhule ebhizinisini lakho," kuqhubeka yena.
UTHOBANI Zungu ongumnikazi weNG4Express uthi uyafisa ukubona ibhizinisi lakhe lingelihamba phambili emabhizinisini embonini yezokudiliva
Image: Sithunyelwe
UTHOBANI Zungu uthi ulwazi aluthole ohlelweni lwe-Metropolitan Collective lususe ulwembu ngokukhulisa ibhizinisi elizinzile neliphumelelayo
Image: Sithunyelwe