Impilo Yabantu

Ukugajwa yinjabulo kaDisemba kungakuphosa eweni lezikweletu

Simangaliso Ntshangase|Published

KUXWAYISWA abantu ngokumele bakwenze ukugwema izikweletu ngesikhathi samaholidi kaDisemba

Image: SIGCINIWE

ISIKHATHI samaholidi okuphela konyaka yilapho abantu abaningi besuke bejabule khona futhi bethola ithuba eliningana kunelijwayelekile lokujabula nabathandiweyo kanjalo nemindeni yabo ngoba basuke sebevalile emsebenzini, sebekhululekile ukuzijabulisa.

Kanti futhi yilapho imali eningi ingamosheka kalula khona ngenxa yokweqiwa yinjabulo, abantu bagcine bengasaqapheli ukuthi izinto abasebenzisa imali yabo kuzona zisemqoka kangakanani, bese kuba lula ukungena ogibeni lwezikweletu ngenxa yokubuswa yenjabulo yesikhashana.

Leso sixwayiso sishiwo wuNkk Cebile Zibi, inhloko yophiko lwezokuhweba nezokumaketha lwenkampani yezezimali ezimele iMomentum Advice, ngenhloso yokuxwayisa abantu ukuthi bakugweme ukwenza izikweletu ngenxa yokugajjwa yinjabulo yamaholidi kaDisemba.

"Yingakho kusemqoka ukuthi ube nohlelo oluqondile lokuthi imali yakho uyiklama futhi uyisebenzise kanjani ngalesi sikhathi ukuze ugweme ukwenza inqwaba yezikweletu ezingenasidingo futhi ebezingagwemeka nezingagcina ziba wumthwalo," kusho uNkk Zibi.

UNKK Cebile Zibi oyinhloko yophiko lwezokumaketha nezokuxhumana eMomentum Advice, eGoli

Image: SITHUNYELWE

Nawa amathiphu anikezele ngawo angakusiza ukugwema izikweletu:

 

  1. Qala ngokuhlela ukuthi imali uzoyisebenzisa kanjani: Ungavumeli ukuthi izikweletu zilawule amaholidi akho. Imali okumele uyisebenzise ukuzijabulisa noma ukwenza noma yini ngalesi sikhathi samaholidi kaDisemba, kumele iphume usuqede konke ngerenti noma isitolimende somuzi, umshwalense, i-medical aid, imali yokugibela nokunye okunjalo. Ibhonasi yomholo wakho akuphoqi ukuthi uyisebenzise yonke ngokushesha, ngakho ukuyibeka nje kungakusiza kwezinye izinto ngokuqhubeka kwesikhathi.
  2. Ungaphisani ngezipho mawala: Kuhle ukuba nomusa nokukhombisa uthando ebantwini obathandayo ngokubathengela izipho kepha akungabi yinto oyenza mawala nangokungenamkhawulo ngoba ungabona usungenamali esikhaleni.
  3. Ungasaphazi imali uma unezivakashi: Uma kuwukuthi kuzoba nabantu abazokuvakashela, qikelela ukuthi udidiyela izibiliboco nokunye kokujabula ngendlela engezukumba eqolo. Kanti futhi ungenza uhlelo lokuthi wena ubhekane nokudla, bese izihambeli zakho zizifikela nokokuphuza ngokwazo ukusiza ukwehlisa umthwalo. Kanti futhi qikelela ukuthi ukudla kunela isibalo sezivakashi, ukugwema inqwaba yokudla okungasadliwanga wumuntu. 
  4. Gwema ukuhehwa ngezikweletu ngalesi sikhathi: Izitolo ezahlukene nabadayisi yilapho besebenzisa khona lesi sikhathi ukukulutha ngemikhiqizo abathi ungayithatha mahhala, bese uyikhokhela ngesinye isikhathi. Ngakho ngaphambi kokungena kulolo gibe, qala ngokuzibuza ukuthi kuyothi kushaya uFebhuwari, ube ujabule yini ngokuthi uthenge lowo mkhiqizo othile? Uma impendulo yakho ithi chabo, ungazihluphi ngalowo mkhiqizo. 
  5. Beka imali ozoyisebenzisa ngoJanuwari: UJanuwari uhlale ufika nezindleko eziningi zokuqala konyaka ezidinga imali ngakho ukubeka imali lapho iseningi ngalesi sikhathi kungakusiza ukuhlomela leso sikhathi esinzima.
  6. Gwema ukuluthwa yindali ye-Black Friday: Ngaphambi kokuthenga noma yini obona sengathi izobe yehlisiwe kwinani layo ngalesi sikhathi, zibuze ukuthi uzobe usayidinga yini leyo mpahla ngemali yayo ngokuqhubeka kwesikhathi? Uma kungenjalo, ungazihluphi ngokuyithenga ngoba ubona sengathi yehlile kancane okwamanje. 
  7. Xhumana nomeluleki wezezimali: Umeluleki wezezimali engakusiza kakhulu ngalesi sikhathi ukuhlela ukuthi imali yakho uyibeke noma uyisebenzise kanjani. Ngakho lesi yisikhathi esihle sokusondela eduze kwakhe ukugwema ukusaphaza imali ezintweni ezingathi shu.