Uhlobo olusha lwamakhondomu
Image: Sigciniwe
Yize kushayelwe ihlombe ukuphakanyiswa kwesu lokukhiqiza ijazi lomkhwenyana elikwazi ukuxwayisa uma kukhona one-STI kwabenza icansi, kusanemibuzo ekufanele iphenduleke ngendlela ezokwenziwa ngayo.
Kuthiwa abantu abasha abathathu e-UK baqhamuke nesu lokuba kwenziwe ikhondomu ishintsha umbala lapho ithola izifo ezithathelana ngocansi (STIs) njenge-chlamydia, i-gonorrhea, noma i-syphilis. Le khondomu izokuba noketshezi olufakwe izinto ezikhethekile ezisabela kumaprotheni ahambisana nalezi zifo, okuholela ekushintsheni kombala okubonakalayo njengesixwayiso kubasebenzisi.
Icebo lamakhondomu ashintsha umbala uma kukhona onesifo socansi liwine umklomelo ohamba phambili kuma-U.K. TeenTech Awards, futhi kubikwa ukuthi ziningi izinkampani ezikhiqiza amakhondomu ezifuna ukuqala umsebenzi wokuwenza. Nokho, lo mbono unawo amaphutha awo njengoba kubonakala kungacacile ukuthi i-STI izotholwa kuphela kumuntu ongayifakile I khondomu uma kuyiwa ocansini kunalowo oyembathile. Lokhu kwengeza umbuzo oxakile wokuthi kuzokwenzekani uma ikhondomu ihlangana nama-STD amabili noma ngaphezulu-ingasaphathwa eyobunzima bokuthola indlela yokunquma umbala ozoshintshela kuwona nokuthi ushintsha nini, uma uqala umsebenzi noma uma usuphakathi?