Isitho sangasese
Image: Sigciniwe
Umbuzo
Ngicela ungisize ungibonise ngiyibhungu eseliqala ukungena ebunsizweni, nginenkinga lana ngisola sengathi inhlamvu eyodwa yesitho sami sangasese inenkinga ngoba ibuhlungu futhi ngiyayizwa iya ngokuya iyavuvukala.
Ngenkathi ngisakhula ngalimala ngashayeka ngaphambili kodwa ngangasho ekhaya ngoba ngangizitshela ukuthi yinto encane esazophela.
Manje le nto iyangikhathaza ngoba sengiyakhula ngisafuna nokuba nomntwana futhi. Yize okwamanje induku yami ivuka kahle kodwa nginokusaba ukuthi le nto mhlawumbe ingase iqhubeke induku yami igcine ingasavuki nhlobo.
Okanye ngigcine ngingakwazanga ukuthola abantwana, ngicela ungisize sisi MaGumede ungiphe iseluleko sakho ukuthi yikuphi okumele ngikwenze okungase kungisize.
Impendulo.
Bhuti wami, kwakufanele kwasekuqaleni usukume uye kadokotela ngenkathi ulimala ngoba ukushayeka ngaphambili kuyingozi ngoba amabhola ayindawo ebucayi futhi esheshayo ukuzwela.
Kungakuhle uqale manje uyobona udokotela ukuze athole ukuthi walimala kanjani. Nginesiqiniseko sokuthi usazoluthola usizo ngoba nakhu nenduku yakho isakwazi ukuvuka. Mhlawumbe futhi ungathola ukuthi umonakala awumkhulu kakhulu wukuthi nje amabhola ayashesha ukuzwela futhi athanda nokunakekelwa kahle.
Ungakhathazeki wena khuthalela ukuya kudokotela ngaleyo ndlela usazokwazi ukuthola abantwana laba obafunayo, ngelinye ilanga izinto ezifana nalezi ungalokothi uzizibe ngoba uyozibeka engcupheni yokuthi umonakalo ugcine ubemkhulu ngisho noma ngabe ubumncane.