Impilo Yabantu

Kusegazini ukushaya ibhodwe entokazini yaKwaDabeka

Nhlakanipho Mnqayi|Published

UMSUNGULI weMinnie Mo Catering uNksz Minenhle Mbatha Isithombe: SITHUNYELWE

UKUBHEKANA nezingqinamba eziningi okubalwa kuzo iCovid-19 akumdikibalisanga ukuqhubeka nebhizinisi lakhe lokupheka, iMinnie Mo Catering, uNksz Minenhle Mbatha odabuka KwaDabeka, eClermont.

OMNUZ Sipho Ngcobo (kwesokudla) uNksz Minenhle Mbatha (Umsunguli weMinnie Mo Catering), uSiya Madlala kanye no-Andile Busani Isithombe: SITHUNYELWE

UNksz Mbatha (31) usho kanje njengoba ethi lesi sifo esawisa amabhizinisi amaningi nakuye sagadla kwazwela nasebhizinisini lakhe alisungula ngo-2020.

Ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto uthe ukupheka kungezinye zezinto azithakasela kakhulu njengoba kuyilapho echitha khona isikhathi sakhe esiningi futhi ubonga nomndeni wakhe ngokuhlezi umeseka.

EZINYE zezibiliboco ezenziwa yiMinnie Mo Catering Isithombe: SITHUNYELWE

“Ukuze ngifike lapho engikhona manje kungenxa yomndeni wami obulokhu ungikhuthaza ngaso sonke isikhathi kusukela ngisafunda bebona ikhono lami lokupheka,” kusho uNksz Mbatha.

UKUDLA okuhlukile kweMinnie Mo Catering Isithombe: SITHUNYELWE

Uthe akasilo ivukana uma kuza ekuphekeni futhi ukhipha amangwevu.

“Ukupheka ngakhula nakho nokuyilapho engabona ukuthi kufanele ngiqhubeke nawo lo mkhakha. Ngakufundela esikoleni samabanga aphezulu eBuhlebemfundo Secondary School khona eClermont ngase ngiya ekolishi eThekwini TVET College ngiyoqhuba zona izifundo ze-Hospitality,” usho kanje.

Uthe alukho uhlobo lokudla abangalwezi okubalwa kukho ukudla kwesiZulu, okwesilungu kanye nokunye okuconsisa amathe. Uthe leli bhizinisi uziphilisa ngalo futhi bakhona nabantu abaqashile abamsizayo.