Impilo Yabantu

Ukugcotshwa kukaMongameli wamaLuthela

Nhlakanipho Mnqayi|Published

UMONGAMELI wamaLuthela uNjabulo Sithole obegcotshwa ihlandla lesibili Isithombe: SITHUNYELWE

“NGCWELE, ngcwele, ngcwele, Mninimandla onke. Ekuseni siyohlabelela kuwe. Ngcwele Ngcwele, Ngcwele, Mninimusa wonke. Nguwe omkhulu, Simakade.” Leso isihlabelelo-18, esihlatshelelwe ngesikhathi kungena ihele, ebeliwukumema uSomandla nokungenisa abefundisi nababhishobhi abebezohola inkonzo yokugcotshwa kukaMongameli uNjabulo Sithole enkonzweni ebise-African Congregational Chuirch of South Afrika, eCliffdale muva nje..

Le nkonzo ibizimaziswe izinkumbi zamalungu ebandla lamaLuthela abeqhamuka eziFundeni ezahlukene njengoba bekugcoitshwa ngokuphelele uMongameli uNjabulo Sithole, egcotshwa ihlandla lesibili nguMbhishobhi uNkosinathi Myaka.

AMALUNGU ebandla lamaLuthela abezimazise umcimbi wokugcotshwa kukaMongameli Isithombe: SITHUNYELWE

UMongameli uSithole, ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto uthe namanje ubengakulindele ukuthi ibandla lingamethemba ngomsebenzi ongaka.

“Ngiyazithoba kakhulu futhi kungijabulisile ukuthenjwa yibandla. Ngiyathuthumela kakhulu ngoba umsebenzi esiwunikiwe noMkhandlu kuyatshengisa ukuthi abantu kukhona abakubheke kithi. Noma indawo obekubanjelwe kuye inkonzo ibicezile, kodwa ngibonga amalungu ebandla ngokuzikhandla nokuqinisekisa ukuthi ayaphumelela,” kusho uMengameli Sithole.

Uthe bafingqe imikhono ngoba kuningi okusafanele kwenziwe.

UNKSZ Nosiphiwe Ngcobo (kwesokunxele), oMnuz Sazi Nxumalo, Sphelele Mpungose noSthembiso Mashiyane Isithombe: SITHUNYELWE

“Ziningi izinqumo okusamele sizithathe futhi okuseqhulwini kakhulu, indaba yokuthi kwakhiwe isikhungo sesifunda ngoba sibaluleke kakhulu kubantu baseThekwini kwazise sinamalungu amaningi,” usho kanje.

Uthe ibandla kumele linganciki kakhulu emnikelweni wabazalwane kodwa kumele libe nezindlela eziningi elenza ngazo ukuzifukula ngokwezimali ukuze liqhubeke lizimele.

Uphinde waveza ukuthi kumthokozise kakhulu ukuthi nomndeni wakhe ubuyingxenye yokugcotshwa kwakhe ngoba kuyatshengisa ukuthi uqhamuka emndenini nasemphakathini onjani.

ONKSZ Nosipho Cele (kwesokunxele), Zamaswazi Kunene no-Aphiwe Dube Isithombe: SITHUNYELWE

UMongameli uSithole waqala izifundo zakhe zobufundisi ngo-1992 eSeminary eMphumulo lapho afunda khona iDiploma in Ministry. Ube esenza iBachelor of Theology eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.

USihlalo weSekethe yaseThekwini, uMnuz Musa Shezi, uthe njengoMkhandlu bazimisele ukumeseka kakhulu ukuqinisekisa ukuthi ubuholi bakhe buba yimpumelelo.

UMBHISHOBHI uNkosinathi Myaka Isithombe: SITHUNYELWE

“Njengamanje uSithole (uMongameli) usemkhankasweni wokwakha isikhungo sesiFunda sebandla lapho lizobambela khona zonke izingqungquthela namarali ebandla,” kusho uShezi.

UMFUNDISI uSabelo Mkhathini (kwesokunxele) noMfundisi uBawinile Shangase Isithombe: SITHUNYELWE

Uthe ngenyanga ezayo ngo-15 Febhuwari, uMkhandlu uzokwethula umhlahlandlela weminyaka eyisithupha okusuke kubhekwe ukukhuliseka kwebandla ngokukamoya, izwi kanye nokuba yingxenye yemiphakathi abaphila kuyo.