IZINGANE ezidlala ezitaladini zingagadiwe lokho kuzibeka engcupheni Isithombe: SIGCINIWE
UKUVALWA kwezikole akusho ukuthi sekumele izingane zivakashe ukuze abazali baphumule.
Ongoti abasebenza nezingane bathi iningi labazali lisuke lijabulela ukuthi lizoshaywa wumoya uma kuvalwe izikole, lingabe lisabheka ukuthi lapho kuvakashela khona izingane kuphephile yini nokuthi zizobe zenzani usuku nosuku.
UNkk Ayanda Khumalo Gwaji, weSiza Community Care yaseMlaza, uthe emalokishini izingane zibonakala zidlala ibhola ngo-6 ekuseni, ezinye zehla zenyuka ziya ezitolo.
"Kushayisa ngovalo esikubukayo ngoba kubeka izingane ezingozini yokuthi zingagcina zinukubezwa. Kuyilungelo lengane elikuMthethosisekelo ukuthi izingane zidlale kodwa kumele zikwenze endaweni ephephile," kusho yena
Uthe okunye abazali okumele bakuqaphele kakhulu ngalesi wukuthi izingane zamanje ziqala zisencane ukuthandana nokuya ocansini.
"Izingane ezineminyaka ewu-10 ezinye zisuke seziqalile ukuthandana futhi seziya ocansini, ngakho ziningi izinkinga ezingavela. Ingane itheleleka nge-HIV. Ezinye zalezi zingane zizalwe zine-HIV, kazazi nokuthi zinayo ngoba abazali abazitshelanga," kusho yena.
UNkk Zonke Shazi-Hlongwane wenhlangano eluleka izingane ngezinselelo ezingabhekana nazo ekukhuleni kwazo, iphinde isize nabazali ukuthi bangazikhulisa kanjani izingane kwi-21st Century, iKusasa Ngelami, uthe izingane uma sekufike isikhathi samaholidi zisuke zijabule ngoba zizophumula.
Uthe kwabanye abazali lesi sikhathi siletha ukhwantalala nengcindezi ngoba kusuke kusho ukuthi kuzosebenza imali ethe xaxa njengoba zisemakhaya, zivakasha noma kulungiselwa ukubuyela esikoleni ngonyaka olandelayo.
"Abanye abazali abababe besabhekisisa ukuthi izingane zivakashela imizi enjani. Kweminye imizi kunenkululeko eningi, alukho uhlelo olulandelwayo, izingane zizihambela umathanda, ziye ngisho edolobheni engekho owaziyo ukuthi ziyokwenzani.
Ingasaphathwa eyokuzihambela ezitaladini eziseduze kwasekhaya. Ukudedela ingane ivakashele indawo enjalo kungaholela ekutheni ingane ivelelwe yinkinga eyohlala nayo impilo yayo yonke, okungaba wukunukubezwa, ukuqala ukuphuza utshwala, ukuqala ukuya ocansini nezinye izinto ezingezinhle ingane esizohalela ukuzenza noma sekuvuliwe esikoleni.
Uma ingane kade iphuza utshwala ngamaholidi, maningi amathuba okuthi izobomela utshwala noma sezivuliwe. Uzokwenzenjani uma usunengane eyomayo?" kubuza uNkk Shazi-Hlongwane.
Uthe uma ingane izoba sekhaya, kumele kube nohlelo losuku ezolulandela lokuthi izobe yenzani.
"Akuyona yonke into edinga imali. Lesi isikhathi esihle sokuthi abazali benze imisebenzi yasekhaya nezingane uma bekhona kulabo abasuke besebenza kumele babe nabantu abazibhekile, bangashiyi izingane nezinye izingane ngoba lokho kuyingozi," kuxwayisa uNkk Shazi- Hlongwane.
UNkk Shazi-Hlongwane uthe ingane akumele ivukele ithelevishini, umzali kumele abe nohlelo lokuthi ingane noma izingane zizokwenzani usuku nosuku, okungaba wukuvuka ekuseni zigeze njengoba bezenza uma ziya esikoleni, zidle, zenze umsebenzi wasendlini olingene, zinikezwe ithuba lokudlala ngaphandle nesokubuka ithelevishini.
"Ungazenzisi umsebenzi omningi ngosuku olulodwa ngoba kumele usuku nosuku zibe nento ezizoyenza. Uma zizoya ebhishi qaphela ukuthi zinomuntu ozobe eziqaphile," kusho uNkk Shazi-Hlongwane.
Okunye abathi ungakwenza nezingane ekhaya wukuba nosuku lokubhaka nokuhlobisa amakhekhe, wolukupheka, ukuhlanza amafasitela, ukuzikhiphela epaki niwumndeni, ukuvakashela izindawo zokugcina amagugu, ukufunda izincwadi, ukuhlela umcimbi usuku lokudlala lwezingane ningomakhelwane niqashe izinto zokudlala.
Related Topics: