Impilo Yabantu

Bayazifela abesifazane ngempandla nembungculu

Boniswa Mohale|Published

UCWANINGO luthi abesifazane bayazifela ngamadoda anempandla nalawo anembungculu, uSamuel Jackson ngomunye obachazayo Isithombe:REUTERS/David McNew

AYADLISA amadoda athanda ukugunda izinwele noma angenazo nhlobo ebantwini besifazane, ngokombiko wocwaningo.

Lolu cwaningo olwenziwe yinkampani ebheka ukuziphatha kwabantu ezinkundleni zokuxhumana ebizwa ngeReboot, luthi u-87% wabesifazane uyazifela ngenkosana yamaNgisi enempandla, uPrince William.

Lolu cwaningo luveza ukuthi abesifazane bayazifela ngekhanda elibenyezelayo, babuye babheke ukuthi umcebo wowesilisa umi kanjani, ubude bakhe nephimbo.

ABESIFAZANE kuthiwa bayazifela ngembungculu kaShemar Moore Isithombe:REUTERS/Kevork Djansezian

UPrince William, uhambe phambili ngenxa yempandla yakhe kanti kuthiwa abesifazane abawu-37 000, bathe bayazifela ngaye.

Endaweni yesibili kube ngumlingisi uVin Diesel, onembungculu. Ngaphandle kwembungculu yakhe nokuba yisidlakela, kvela ukuthi abesifazane bayazifela nangephimbo lakhe.

Indawo yesithathu ithathwe nguJason Statham, onempahla okuthiwa bawu-26 000 abesifazane abahlale befuna ukubona izithombe zakhe eqimbile ezinkundleni zokuxhumana.

Owayewumdlali weBasketball, uMichael Jordan naye akasalanga ngaphandle emadodeni athandwa abesifazane emhlabeni wonke

Indawo yesine ithathwe nguSamuel L Jackson, okuthiwa abesifazane bathi uguga njengawayini elisezingeni eliphezulu. Kuthiwa bachazwa yiphimbo lakhe, umcebo kanjalo nobude bakhe.

Isigwili sase-USA, uJeff Bezos, silale endaweni yesihlanu. Kuthiwa abesifazane bahlale befuna ukwazi ngomcebo wakhe, abanye bafuna izithombe zakhe eqimbile nokuthi wawakha kanjani umcebo wakhe.

Abanye abangenile ohlwini lwamadoda athandwa ngabesifazane, nguMichael B Jordan, abesifazane kuthiwa bazifela ngomzimba wakhe. Ukhona uDwaye Johnson abazifela ngempandla yakhe, ubude nokuba yisidlakela. UShemar Moore akasalanga ngaphandle njengoba kuthiwa abesifazane bayazifela ngembungculu yakhe, ukondleka kwakhe, nokubukeka kwakhe. Umdlali wakudala webasketball uShaquille O’Neal, uthandwa ngenxa yokuba mude. Umlingisi uTerry Crews nguye ovale uhlu lwamadoda athandwayo ngenxa yembungculu, ukuba yisidlakela nokubukeka.