IMBALI kamakoti nayo ibalulekile futhi imele imfudumalo emshadweni Isithombe: PINTEREST
UMSHADO omhlophe uhambisana nobukhazikhazi nemikhuba yesilungu. Abantu abasuke bewulungiselela, bavamisile ukwenza isiqiniseko sokuthi konke kuhamba ngendlela efanele kepha ziningi izinto ezihlanekezelwayo.
Esinye isizathu esidala ukudideka wukuthi iningi labantu kalazi kahle umlando nenhloso yemikhuba yasentshonalanga, ukuthi yenziwa kanjani futhi yenziwelani.
Ungoti wezemishado uNkk Nomsa Msani. weBrightness eThekwini, uveza ukuthi endulo abamnyama babegcagca ngokwenqubo namasiko esintu ngenxa yemishado yezinye izinhlanga nempucuzeko, bagcina kushadana sebethanda umshado omhlophe.
"Okwenza umshado omhlophe wehluke ubukhazikhazi bemihlobiso, izingubo, izikhulumi nemikhuba eyenziwayo . Esikhathini samanje sebeze bayazinandisela umshado ngokusikwa kwekhekhe, ukwamukela umakoti esihlalweni sobukhosikazi nokunye okuningi. Ukuze umshado ube muhle futhi kucace ukuthi umshado omhlophe kumele wenziwe ngohlelo lwakhona," kusho uNkk Msani.
Izindawo eziphambili zemicimbi zilokhu zibacobelela ngolwazi abashadayo abafuna ukwenza umshado omhlophe. IGranny Mouse Country House & Spa iveza ukuthi umshado omhlophe uncike kakhulu esikweni lamaGreek namaRoma nezinkolelo ayegxile kuzo kakhulu ngezikhathi zama-6th century. Ukuze umshado wakho uphelele kahle usuke udinga ukulandela zonke izigaba ezihambisana nomshado omhlophe ngokwesiko lakhona.
Ukuphakamisa noqhabulwa kokuphuzwayo (toast)
-Kusuke kuhalaliselwa abashadile befiselwa konke okuhle emshadweni wabo futhi iwayini lithathwa njengesiphuzo esingcwele njengoba besuke sebehlanganiswa njengomuntu munye noma abazophila impilo enye.
Imbali kamakoti
-Imele intokozo nokunethezeka emshadweni bese ne-ribbon eboshwa ngalo lifakazele ukubambisana kwabashadile.
Izimpelesi
-Impelesi enkulu kamkhwneyana nomakoti yizona ezenza umcimbi ube mnandi ngamancoko futhi kusuke kumele nakanjani yethule inkulumo yosuku ngomngani wayo yenze namahlaya ngezinto abazenzayo nabakhule ngazo. Lokhu zingakwenza ngokusukuma kanyekanye zikhulume ngokubambisana noma zidedelana. Ukuthasisela ngobumnandi kungadlalwa nama-video noma kunamekwe izithombe ezihambisana nezikhathi zabo ezimnandi.
Abazali bakamakoti nomkhwenyana
-Ngokosiko lomshado omhlophe abazali bamakoti kanjalo nabamkhwenyana bayakhuluma ngokulinganayo bashintshane emshadweni. Kuya ngokwesivumelwano uma kukhona abangakulungele ukukhuluma akuphoqi.
Umakoti nomkhwenyana:
-Umkhwenyana kumele nakanjani alandele uyise kamakoti nenkulumo yakhe kumele ihambisane namazwi okubonga abazali, izicukuthwane, izimpelesi, izikhulumi kanjalo nomakoti. Uma umakoti ekulungele ukukhuluma angananela kumkhwenyana naye ancome ngokufanayo aphinde abonge nokwesekwa kwabo ngosuku olukhulu bese bephakamisa izingilazi ezinokokuphuza kuqhatshulwe kancane.
Okumele ukuqaphele:
-Nquma noma beka isikhathi sesikhulumi ngasinye ngoba abantu abafani ngoba omunye umuntu angakhuluma adonse kuze kuphele ihora.
-Tshela umuntu osondelene naye kube uyena okwethulayo ukubalekela ukunkwankwaza ngosuku olukhulu.
-Ungazibuza izikhulumi zakho zosuku ukuthi zihlele ukushaya amahlaya anjani futhi zihlele ukuthini.
-Yiba nomphathi wohlelo ozoqinisekisa ukuthi konke kwenzeka ngohlelo lwakho futhi nezikhulumi ziqala ngesikhathi.
-Uma usulwenzile uhlelo lwakho, ungabi nohlu lwezikhulumi eziningi.
-Ngaphambi kokuthi ukhulume, qaphela ngokohlu lwezikhulumi zakho ukuthi ozomlandela uzokhuluma agxile kuphi bese ungenelela lapho.
Related Topics: