ABESILISA bancamela ukugqabula ifindo leminyaka lomshado uma beke baphingelwa Isithombe: Pintrest
KUJWAYELEKILE ukuthi uzwe kuthiwa owesilisa uphingile eshadile okanye ubanjwe oqotsheni nomunye wesifazane yize enomuntu athandana naye oqondile. Kodwa kujwayeleke ukuthi abesifazane baxole kudlule baqhubeke nomshado noma nokuthandana. Nokho abesilisa bathi phinde, owesifazane ophingile akaxoleleki kubona.
Abesilisa abadivosile, bayeka ubudlelwano beminyaka ngoba bethi alixoleleki kalula icala lowesifazane ophingayo.
Ungoti wezobudlelwane, uNksz Nompilo Maphumulo, uthi kuyiqiniso elingephikwe ukuthi abesilisa bayazwela kakhulu uma izinduku sezishaya bona.
“Ngeke ngikuhlonize ukuthi abesilisa babukhali nganhlanye uma kukhulunywa ngokujolelwa. Bazwela ngokujulile uma owesifazane enze ukungathembeki. Behlelwa ukuzethemba ngendlela emangalisayo. Ubudoda babo bushayeka ngendlela engefaniswe nalutho, yingakho kulukhuni satshe ukuxolela owesifazane osuke ephingile,” usho kanje.
Lokhu kufakazelwa omunye wesilisa okhulume ngalesi sihloko kodwa wacela ukungadalulwa kwazise uyaziwa.
"Ngashadelwa ngimncane, izinkinga zasemshadweni azizange zizwele ngoba ngazitshela ukuthi ngizomthola omunye. Ngathola umuntu omusha, ngawabeka wonke amathemba ami kuye kodwa waphinga. Akuzange kube lula ukwamukela ngoba ngikholwa ukuthi umuntu wesifazane akalali nowesilisa lungekho uthando. Kunomehluko uma kuphinga owesifazane ngoba usuke ekucabangisisile futhi enesiqiniseko sokuthi wenzani. Thina madoda siyakwazi ukulala nowesifazane singenayo imizwa yothando," kuchaza lo wesilisa.
Ngaphandle kwakhe kukhona okhala ngokuthi kuyalehlisa izinga lokuzethemba ukuphingelwa ngowesifazane ebudlelwaneni.
"Ayikho into elimaza njengokuthandana nowesifazane ophingile. Noma ungazama ukubekezela noma uxole kodwa kunzima uma sekumele uphume endlini uye kubantu. Kuba sengathi izwe lonke liyakubuka futhi likhuluma ngawe. Akaxoleleki owesifazane ophingayo futhi wenza ube nenhliziyo embi ungabi nothando lweqiniso," kugonyuluka lo wesilisa.
Ngaphandle koxolo, abesilisa baveza ukuthi ukuqhubeka uthandane nomuntu wesifazane kusuke sekuhamba nemigomo nemibandela.
"Uma ungena ebudlelwaneni obusha unenxeba elophayo uzama ngayo yonke indlela ukuzivikela. Kuyenzeka ulahlekelwe umuntu onezinhloso ezinhle agcine ephelelwa yisineke sokukhombisa uthando. Ngokwami kusuke kungelula ukumtshela konke ngoba usaba ukuthi uzobukeka njengendoda entekenteke ephingelwayo. Nemibuzo osala nayo iba miningi. Uzibuze ukuthi mhlawumbe wenza kangcono ocansini umuntu aphinga naye noma uyisigwili. Akudluleki kalula," kusho omunye wesilisa naye owaziwayo.
UNksz Maphumulo uthi into abangayazi abesilisa wukuthi le mizwa ababa nayo uma bejolelwe, ifana nse neba khona kowesifazane ojolelwe, kuphela wukuthi bona bayaxola.
“ Nabesifazane behlelwa wukuzethemba, baziqhathanise bazibuze ukuthi yini le engcono owesilisa ayibonile komunye wesifazane. Okubi wukuthi abesilisa bona bahlale becabanga ukuthi bakufanele ukuxolelwa kodwa abesifazane bona akumele baxolelwe,” kusho ungoti.
Omunye wosaziwayo owake waphumela obala ngokuphingelwa, kubalwa uProverb okumanje wethula uhlelo ama-Idols. Ngaleso sikhathi watshela abantu ukuthi owayewunkosikazi wakhe uphingile, abantu abayeke ukumdabukela nokuhleba ngaye kube sengathi kukhona akwenzile.
UNksz Maphumulo uthi umuntu ophingelwe usuke edinga kakhulu ukwesekwa hhayi ukuhletshwa kwazise usuke engenzanga lutho.
Nakhu okunye ongakwenza ukudlula kulesi simo:
-Zinike isikhathi esanele sokubhekana nobuhlungu benhliziyo futhi wamukele ukuthi kuphelile phakathi kwabo nalowo muntu.
-Ungalokothi uzame ukuzelapha ngokugijimela komunye umuntu ngenhloso yokuthi avale isikhala sobuhlungu enhliziyweni yakho.
-Vumela imizwa yakho nokuphatheka kabi ungazenyezi noma usabe ukuthi abantu bazokuhleka ngokuzwakalisa ukuphoxeka nokuphoxwa isithandwa sakho.
-Iba nesikhathi sakho wenze izinto ezikujabulisayo nezizokwenza ujabule.
-Bhekisisa kahle izinto eziholele ekutheni uzithole ukulesi simo bese uhlunga okuyisifundo kuzo nongakugwema ebudlelwaneni ozoba nabo kabusha nomunye umuntu.
-Ungazikhathazi ngokucabanga ngomuntu okugilile nokumbeka amabala ngoba kuzokwenza ungadluli kulesi simo obhekene naso.
Related Topics: