Impilo Yabantu

Khulisa ustufuza onempilo ngokudla okuthakwe ngamavithamini

Nonkululeko Nhlapo|Published

UMPHATHI wohlelo uSthandwa Nzuza, umpheki odume ngelika-Int the kitchen with Nono, udokotela Xolile Mkhize, ofundisa enyuvesi iMangosuthu University of Technology, uDudu Mthuli oyidietician noSiphesihle Kweyama oyi-clinical dietician.

KUKHUTHAZWA abazali ukuba baqinisekise ukuthi bakhulisa izingane ezondlekile ngokupheka ukudla okunempilo kusetshenziswa uchungechunge olusha lweKnorrox oluthakwe nge-iron.

Lolu chungechunge oluthakwe nge-iron lutholakala ezinongweni eziyimpuphu nezingamaqhuzu. Akugcini lapho ngoba sekuguqulwe izinongo ze-soya mince esezithakwe nge-zinc.

Le mikhiqizo emisha yethulwe eThekwini ngesidlo esimnandi sasemini lapho kumenywe umpheki odumile eThekwini uSanelisiwe owenze idili likaMkhipheni esebenzisa lezi zinongo.

Ukugcizelela ukubaluleka kokudla okunempilo, abeKnorrox bameme izazi zezempilo kanjalo nabapheki kudingidwa izinkinga eziningi ezihambisana nokungadli ngendlela.

Udokotela Xolile Mkhize, ofundisa enyuvesi iMangosuthu University of Technology; uSiphesihle Kweyama oyi-clinical dietician, uDudu Mthuli oyi-dietician noNono Mtshali ongumpheki babe nengxoxo ebiholwa yintokazi engumsakazi nomlingisi uSthandwa Nzuza.

UDkt Mkhize noKweyama bagcizelele ukubaluleka kokudla okunempilo, ikakhulukazi okutshalwayo njengamadumbe, umdumbula, ubhatata imifino eluhlaza njengeklabishi, isipinashi nabathe kungasali epuletini likamama okhulisa izingane.

"Kubuhlungu ukubona ingane eyondlekile ngokomzimba, ihlezi iteketiswa ngokuthi ustufuza, kodwa uma uhlolisisa isimo sempilo yayo uthole ukuthi ishoda nge-iron emzimbeni. Ukukhuluphala akusho ukuba nempilo, kunalokho kubeka impilo yakho engcupheni yezifo ezingosomathuba," kusho uSphesihle Kweyama egcizelela ukuthi abantu abazijwayeze ukudla imifino.

UThobeka Mkhize- umphathi kwezokuqhakambisa ukusebenza kweKnorrox uthe ucwaningo luveza ukuthi oyedwa kwabathathu eNingizimu Afrika unenkinga yokungondleki ngenxa yokushodelwa yizakhamzimba ezibalulekile ngoba akusikona konke ukudla okuthathwe ngamavithamini adingekayo.

"Yilokhu okusigqugquzele ukuba sisebenze ngokuzikhanda ukuqinisekisa ukuthi imikhiqizo yethu ithuthukisiwe ngezithako ezinempilo ukuze singagcini ngokuninika izinongo ezimnandi zenyama kodwa nithole nokunempilo amakhasimende ethu agculiseke ngokunempilo," kusho uMkhize-Goba.