Impilo Yabantu

Nodado abalithakasele iphasika ngezibiliboco

Bongiwe Zuma|Published

KUNINGI okujabulisa odado nangesikhathi sephasika okubalwa oswidi namakhekhe nokunye Izithombe: PINTEREST

LE MPELASONTO yize kungeyephasika futhi abantu abaningi bezobe besezinkonzweni ezahlukene kodwa iqiniso lithi nodado bazobe bekhona emakhaya. Lesi sikhathi kubona sisho injabulo njengoba kungesamaholidi futhi balindele ukujatshuliswa ngezindlela eziningi. Lokhu kungenzeka ekhaya noma ezinkonzweni lapho beyingxenye khona yokwenziwayo.

Ziningi izindlela zokubajabulisa bangazizwa bevalelwe ngaphandle, kusukela kwisidlo sasekuseni, esasemini kanjalo nesakusihlwa. Lokhu ungakwenza ngokusebenzisa lokhu abakuthakasela kakhulu okubalwa oswidi, amakhekhe, inyama, okokuphuza nezinye izibiliboco.

Izithelo nemifino kungasali ngaphandle ukuqinisekisa ukuthi noma bejabule odado kodwa bayazithola izakhamzimba ezifanele.