Impilo Yabantu

Owase-USA ugcine esekhuluma isi-Irish esegulela ukufa

Intatheli Yesolezwe ngeSonto|Published

INDODA yase-USA ikhohlwe wulimi lwayo yakhuluma isi-Irish iqiniswa wumdlavuza wendlala yamadoda Isithombe: MIRROR

BASALE bedidekile odokotela e-USA owesilisa wakhona ekhuluma isi-Irish into enganqamuki emva kokuthola ukuthi uphethwe wumdlavuza wendlala yamadoda.

Kuthiwa lo wesilisa (50) waseNorth Carolina ubesevele aqhulule isi-Irish yize engakaze aye e-Ireland futhi akakaze alufundiswe wumuntu lolu limi. Indaba kuthiwa iqale emva kokuqiniswa wukugula ngenxa yomdlavuza wendlala yamadoda.

Lokhu kuthiwa kuvamise ukuthi kwenzeke kubantu abahlaselwe yisifo sohlangothi, noma abalimale ekhanda, ngokusho kweDuke University eNorth Carolina neCarolina Urologic Research Center eseSouth Carolina.

Ngokusho kwale nyuvesi, ukushintsha kolimi ezigulini sekuke kwenzeka kabili kodwa kuyaqala ngohlaselwe wumdlavuza wamankwahla.

Kuthiwa isi-Irish usiqhulule kwaze kwaphela izinyanga ezingu-20 eseqiniswe wukugula waze washona elashelwa umdlavuza. Umbiko ngalesi siguli ububhalwe kwiBritish Medical Journal.

Ngokombiko lo wesilisa kuthiwa awukho umbiko wokuthi wake walashelwa ukugula ngokomqondo noma izifo ezihlobene nokuchama. Ngesikhathi elashelwa umdlavuza kuthiwa bebungakabi bikho ubungcono naye esekhuluma kakhulu isi-Irish.

Kubantu abake bahlaselwa yilesi sifo sokushintsha kolimi kubalwa uLinda Walker wase-UK ngo-2006.

Uthe ngesikhathi ehlaselwa wukushintsha kwendlela yokukhuluma, isimo saba sibi kakhulu esehlaselwe nawuhlangothi. Nolimi ayelukhuluma lwagcina selushintsha, esekhuluma isiJamaica.

Yena uthe wayengazizwa ukuthi uthini kodwa wamangala ngesikhathi udokotela wakhe esemdlalela inkulumo eqoshiwe lapho ayekhuluma khona ngesikhathi esesindile. The Mirror.