Impilo Yabantu

Ibanjwe ngokufana kwezingane indoda edayisa isidoda kwiFacebook

Intatheli Yesolezwe ngeSonto|Published

IBANJWE ngokufana kwezingane zayo ezingu-60 indoda yase-Australia, edayisa ngesidoda sayo isebenzisa amagama ehlukene kwi-internet.

Le ndoda elingashiwongo igama layo kuthiwa ibisebenzisa amagama amane okungewona awayo angempela ukudayisela abathandana nabobulili obufanayo isidoda sayo ukuze baqale imindeni. Abazali bezingane ezitholakale ngalolu hlobo, baqale ukuqaphela ngesikhathi bezikhiphile nezingane zabo beyokosa inyama endaweni ebihlanganise imindeni, kuzopholwa.

Baqaphele ukuthi zonke izingane zabo ziyefana, kucaca ukuthi ngezomuntu oyedwa. Emva kokubona lesi simo esibethusile, bashayele ucingo imitholampilo eseduze bathola ukuthi lo wesilisa wasebenzisa umtholampilo kanye ukuzonikela ngesidoda sakhe, emva kwalokho ubesesidayisa kwiFacebook.

UDkt Anne Clark weFertility First eSydney, ukuqinisekisile ukuthi lo wesilisa weza kanye endaweni yabo ukuzonikela ngesidoda kodwa ubesesidayisa esebenzisa i-internet ukuze athole izipho.

E-Australia kuyicala elingakudonsisa iminyaka engu-15 ejele ukudayisa ngesidoda ukuze uthole isipho. Ngenxa yokwanda kwezithandani ezisuke zidinga lolu sizo, zigcina sezisebenzisa le ndlela engekho emthethweni ukuthenga isidoda ukuze ziqale imindeni.

U-Aimee Shackleton we-Charity Donor Conceived Australia, uthe bafuna ijeze kanzima le ndoda.

“Abantu bahlangana ngezimoto emapaki nasemahhotela ngenhloso yokudayiselana ngale ndlela engemukelekile,” usho kanje. Metro.co.uk.