REUTERS/HO
Umbuzo
Ngicela ungibonise sisi, umuntu engizwana naye ushadile kodwa umfazi wakhe uyamncisha. Kuphela ngisho izinyanga ezimbili bengenzi lutho bese eza kimi, nokungenza ngingazi noma uyangithanda noma usuke enqanqathekile kodwa ngiyamthanda futhi ngimenzela konke embhedeni. Manje angazi ngenzenjani sisi, ngiqhubeke naye noma ngimyeke ngoba ngiyamthanda. Naye uyangithanda uthi uma enami uyeneliseka. Kumfazi livele liwe noma kube umzuliswano owodwa ozibandelayo nje. Nginomona wokuthi uhlala naye. Yingakho ngithi ngifuna ukumyeka asale ebulawa indlala kwakhe.
Impendulo
Yazi iyangihlekisa le ndaba yakho! Okokuqala nje usuke ungekho uma le ndoda yenza ucansi nomkayo. Ngakho-ke awunaso isiqiniseko salezi zinto okhuluma ngazo. Okwesibili kuyangidumaza ukuthi awukazi namanje ukuthi amadoda anamanga nokuthi wena usajatshuliswa ukuthi indoda ixoxa kabi ngomfazi wayo kuwe! Nawe ngamhla ingasakufuni, okanye isidelile, nguwe iyohambe ixoxa ngawe kanje. Le ndoda esikhuluma ngayo ishadile futhi awunasiqiniseko ukuthi wena izokushada yini. Engingakutshela khona nje ukuthi landela imizwa nenhliziyo yakho kodwa ungazisoli kusasa. Anamanga amadoda sisi wami, vuka emaqandeni!