Impilo Yabantu

Ukudla ongakulondoloza kwisiqandisi esinamandla

Phili Mjoli and Lutho Pasiya|Published

USHIZI ungokunye kokudla ongakwazi ukukugcina kwi-deep freezer kodwa abantu abaningi abangakwazi lokho ISITHOMBE: SIGCINIWE

NJENGOBA isimo somnotho siya ngokuya sibi, abantu abaningi bafuna izindlela abengenza ngazo ukuthi bagcine ukudla abanakho isikhathi eside. Okunye kwalokho kudla ukudla abaningi abangenalo ulwazi ukuthi nakho ungakugcina kwi-deep freezer (isiqandisi esinamandla) bekujwayeleke ukuthi uma kukuningi kuyalahlwa.

Okunye kumele ukuqaphele uma ukufaka ngoba kungenzeka kungabe kusafana ngakho kumele wazi kahle ukuthi ikuphi ukudla esingakwazi ukukugcina kungashintshi.

USHIZI

Abantu abaningi abazi ukuthi ushizi ungakwazi ukuwufaka kwideep freezer kanti kunabantu abawuthandayo ushizi kangangoba akukho ukudla abakudlayo kungafakiswe ushizi.

USHIZI ungokunye kokudla ongakwazi ukukugcina kwi-deep freezer kodwa abantu abaningi abangakwazi lokho ISITHOMBE: SIGCINIWE

Abanye abantu baze bawuyeke ushizi ongama-block uma bewubona usendalini ngoba becabanga ukuthi uzokonakala ngoba bengazi ukuthi ungawugcina kwisiqandisi esinamandla. Ongoti bokudla bathi ungawufaka njengoba unjalo uphuma esitolo noma uwugoqe ngeplastiki wokugoqa ukudla noma nge-foil.

Ushizi othambile nowokugcoba esinkweni ungahlala kwi-deep freezer isikhathi esingangenyanga; oqinile wona ungahlala izinyanga eziyisithupha.

Uma sewufuna ukuwusebenzisa kumele ukukhiphe kwisiqandisi esinamandla bese uwugcina kwisiqandii ubusuku obubodwa uzoncibilika, ngemuva kwalokho usungakwazi ukuwusebenzisa.

IBHOTELA

Ibhotela ungalithenga ngobuningi ulifake kwisiqandisi esinamandla kakhulukazi uma ungumuntu obhakayo, kuyakusiza ukuthi ulithenge uma lisendalini uligcine kahle.

Lona ulifaka kwisiqandisi esinamandla ngeplastiki yokugoqa noma nge-foil, ungalikhiphi ephepheni lalo olithenga lifakwe kulo esesitolo. Iplastiki noma i-foil uyibopha iqine, kungangeni umoya.

Uma sewuzolisebenzisa uyalikhipha kwisiqandisi esinamandla ulifake esiqandisini ebusuku uma uzolisebenzisa ekuseni, uzovuka selincibilikile selilungele ukusetshenziswa.

UBHANANA

Ungawulahli ubhanana osuvuthwe kakhulu ngoba wesaba ukuthi uzobola. Ungawusika izingcezu uzifake ezitsheni nama emaplastikini okugcina ukudla, uvale kungangeni umoya bese uwufaka esiqandisini esinamandla. Uma usuwukhipha ungawusebenzisa uma ubhaka noma wenze ngawo isiphuzo esishubile.

IMIFINO YOKUNONGA UKUDLA

IMIFINO yokunonga ukudla ngezinye zezinto ongakwazi ukuzigcina kwisinqandisi esinamandla kodwa abaningi abangakwazi lokho ISITHOMBE: SIGCINIWE

Akumele uyifake injengoba injalo kwisinqandisi esinamandla ngoba iyathamba futhi angabe esezwakala ubumnandi bawo .

Imifino yokunonga efana ne-sage, garlic, oregano, thyme noma i-rosemary, yiqobe ibe ncane uyifake ezitsheni zokwenza amaqhwa, ungayiagcwalisi, bese uthela i-olive oil. Linda isikhashana ngaphambi kokuyifaka kwisiqandisi ukuze izomunca amafutha bese uyigoqa ngeplastiki yokugoqa ukudla okuzogcinwa kwisiqandisi esinamandla.

AMAQANDA ungawagcina kwisinqansisi esinamandla okungaze kufinyelele ezinyangeni ezingu-18 ISITHOMBE: SIGCINIWE

AMAQANDA

Amaqanda nawo ungawafaka kwisiqandisi esinamandla kodwa kumele iqanda ulihlukanise, okuphuzi kwalo kanye nokumhlophe ukufake koplastiki bokugcina ukudla. Okuhlomphe ukufaka kunjengoba kunjalo kodwa okuphuzi kudingeka ukuthi ufake usawoti omncane. Qaphela ukuthi iqanda osuliphihlizile alithinti etafuleni noma ekhabetheni ngoba kulula ukuthi lithathe amagciwane. Lingahlala izinyanga ezingu-18 kwisiqandisi esinamandla. Uma usufuna ukulisebenzisa ulukhipha ulifake kwisiqandisi ebusuku uma uzolisebenzisa ekuseni. Yenza isiqiniseko sokuthi uzolipheka livuthwe ngokuphelele.

TOMATO SAUCE

U-TOMATO sauce ungahlala izinyanga ezingu-18 ISITHOMBE: SIGCINIWE

Thatha ithileyi lokwenza amaqhwa uyifake kuwo ungagcwalisi kakhulu ngoba uyakhukhumala uma usuyiqhwa. Goqa ithileyi ngoplastiki wokugoqa ukudla noma i-foil. Ungawugcina izinyanga eziwu-18.

UKOTAPHEYA

UKOTAPHEYA ungawufaka kodwa uma ungeke usawudla unjengoba unjalo, uzoba yisinongo sokunye ukudla ngoba umbala wawo uyashintsha ISITHOMBE: SIGCINIWE

Kumele uwucubuze ube yiphalishi ngaphambi kokuthi uwufake ngeplastiki evaleka ngci kwisiqandisi esinamandla . Uyashintsha umbala wawo uma usuwufake, kumele uma usuwusebenzisa kube ukuthi awuzuwudla unjalo kodwa uzoba yisinongo sokunye ukudla okwenzayo ngoba umbala uzobe usushintshile.