MHLELI: Ngidlulisa ukukhathazeka kwami ngendlela Ukhozi FM olusingatha ngayo izicelo zabathandi bomculo wombhaqanga.
Kusukela ngonyaka u-2020 siqale ukuxhumana noKhozi ngendaba yokungahlonishwa komculo wombhaqanga. Iphepha lakho Isolezwe layibhala indaba laxhumana futhi neziphathimandla zoKhozi, zathi udaba zisaludingida.
Ngomhla ka 6 Ephreli saba nomhlangano noMnuz Busani Mthembu noNksz Sbongi Ngcobo. Babuza izikhalo zethu. Sabazisa ukuthi uhlelo lombhaqanga alukho emini.
Bathi izinhlelo abanazo ziningi ngeke bagculise wonke umuntu kodwa bayazama ukudlala wonke umculo nokuthi u-Ephreli wayeseshayile sezishintshiwe izinhlelo.
Sabe sesiphakamisa ukuthi akwenziwe izichibiyelo ngoba lunye uhlelo olusadlulile futhi kuyaziwa ukuthi umculo wombhaqanga bewudlalwa ohlelweni iSigiya Ngengoma, lwalwenziwa wuNgizwe Mchunu benoTshatha Ngobe.
Sacela ukuthi uhlelo balubuyisele endaweni yalo ngoba umaskandi unamahora amathathu ayehlelelwe zombili lezi zinhlobo zomculo kodwa abasakazi banquma ukungawudlali umbhaqanga.
Impendulo yathi basazoqinisekisa ukuthi le nto esiyishoyo iyiqiniso yini, emveni kwaloko kwabuya impendulo eyathi basakhele isichibiyelo esiyisipesheli kumama uDudu Khoza, esiba ngoLwesithathu kwezasemahostela.
Ngomhla ka-25 Juni 2021 saphinde saba nomhlangano ophuthumayo noSbongi Ngcobo nobaba uHosea Jiyane lapho uSbongi wethembisa ukuthi uzoyilungisa inkinga. Kodwa yize ayethembisile waqhubeka nokungalubuyisi uhleli emini, okwaphoqa ukuthi udaba siludlulisele kubaphathi bakhe e-Auckland Park eGoli.
UGugu Ntuli owayesingethe udaba wacela umhlangano osheshayo ukuzoxazulula inkinga. Ngempela saphuthuma kulowo mhlangano kodwa okwadumaza kakhulu wukuthi uSbongi Ngcobo owayebiziwe ukuzoziphendulela ezikhalweni zethu wayengekho, waphinda futhi wangalubuyisa uhlelo lombhaqanga uma eseshintsha izinhlelo.
Okwenzeka emveni komhlangano esasinawo noJiyane noSbongi, uSbongi wanginikeza u-Ayanda Melansi, owayengu phrojusa kamama uDudu Khoza ukuthi sisizane naye.
Udadewethu u-Ayanda wacela uhla lwamaciko nezingoma zawo, ngabe sengimthumela amaciko angaphezu kuka-40 nezingoma ezingaphezu kuka-80. Wabonga kakhulu wethembisa ukusilungisa isimo esibhekene nomculo wombhaqanga.
Okwaxaka kakhulu ngathi uma ngicela ukwenza isimemezelo esasizokwazisa abantu ngamaciko ayekhiphile umbhaqanga wenqaba wathi amaciko awazenzele wona leyo nto.
Kodwa uMthandeni (Igcokama) wayesenikezile ithuba lokukhuluma naye ohlelweni lombhaqanga ukuthi azise abantu ngomsebenzi wakhe, noShomilezinsizwa base bemnikezile itghuba lokuthi akhulume ngeqhawe lakhe ubaba uBhekumuzi Luthuli, ngosuku ayekhunjulwa ngalo kodwa benqaba ukunikeza umbhaqanga ohlelweni lokuchibiyela umbhaqanga.
Okubuhlungu kakhulu baphinde bazompintsha umculo wombhaqanga ngezingoma zomaskandi futhi uthole sekudlalwa umaskandi, umculo wombhaqanga sewubekwa eceleni futhi.
Ngikhuluma nawe nje iqembu lombhaqanga i-Amazing Brothers lishiywe yilungu lalo uCosmos Zibuse Faku, elingomunye wabahamba phambili eqenjini.
Lishone ngokukhulu ukuzuma. Asazi ukuthi sizozenza kuphi izimemezelo eziqondene nokwazisa abalandeli bomculo wombhaqanga ukuthi sekuvele umshophi njengoba singenalo uhlelo emini futhi bengafuni sikhulume ohlelweni lwesichibiyelo sombhaqanga kumama uDudu Khoza.
Mphumzeni Sipho Phoswa
OKHULUMELA AMACIKO OMBHAQANGA