KUYIQINISO ukuthi siphila esikhathini lapho kunoguquguquko kwesinye isikhathi olungaqondakali kahle ngasohlangothini lwemvelo. Yize kunjalo, kwesinye isikhathi uyangifikela umcabango othi kungenzeka ukuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal siqalekisiwe. Lokho ngikusho ngenxa yezigigaba ezenzekayo eKZN kodwa ezingenzeki kwezinye izifundazwe. Kokunye ngize ngifikelwe umcabango othi kungenzeka ukuthi konke okwenzekayo kudalwa ulaka lwabangasekho kanye nokufulathela umsamo.
Ngiyafisa ukuba sibheke udaba olunganginiki ukuphumula okuyizehlakalo ezenzeka ngesikhathi sezikhukhula ezadlula nemiphefulo eminingi zaphinde zashiya izisulu eziningi zingenawo amakhaya. Okubuhlungu kakhulu izehlakalo zokungatholakali kwezidumbu eziningi zalabo abahaqwa izikhukhula. Kuze kube namhlanje, azikaze zenziwe izinhlelo zokwenza usiko lokuqoqa ngendlela yesintu imimoya yalabo abaphangalala ngenxa yezikhukhula.
Bangasiza abelaphi bendabuko abafana nobaba uSazi Mhlongo, uDkt uVVO Mkhize, ubaba uNkonzenhle Biyela waseMpangeni, nomama uKhumalo oseSicabazini KwaMhlabuyalingana. Empeleni nginxusa bonke abalaphi bendabuko. Ngibalula laba abambalwa ngoba cishe iningi labantu liyabazi. Ngiyanxusa ngokukhula ukuzithoba ukuba uSolwazi Nceba Gqaleni asondele kulo mkhankaso wokunxenxa abelaphi bendabuko ukuthi babambe iqhaza ekuhlanzeni isinyama esigubuzele isifundazwe kanye nokuqeda imimoya emibi egcwele emkhathini wesifundazwe.
USolwazi Gqaleni eNyuvesi yaKwaZulu-Natal waqala uhlelo oluhle lokusebenzisana phakathi kwabelaphi bendabuko nabelaphi abelapha ngohlelo lokwelapha kwamanje. UMprofethi Mageja muhle ngoba akaboni kungqubuzana ekukholweni kuJehova kanye nokukholelwa emadlozini ngakho-ke uMprofethi Mageja uzoqonda kalula uma enxenxwa ukuba enze umnikelo wokuhlanza isinyama sefu elimnyama kanye nokuqeda imimoya emibi ezulazulayo emkhathini eKZN.
Uma abelaphi bendabuko beyamukela inselelo engibaphonsela yona, kulindeleke ukuthi babambe iqhaza nasekubuyisweni kwemimoya yalabo ababulawa ngesihluku ePhoenix.
ISINYAMA SEZINGOZI ZEZIMOTO
Uma kungake kuvezwe izibalo zabantu abaphangalale ezingozini zezimoto cishe wonke umuntu angakuqonda ukubaluleka komlayezo engiwudlulisayo wokukhuleka kubelaphi bendabuko ukuba banikele ngolwazi lwabo lokwelapha. Silindele ukuthi abelaphi bendabuko banqande futhi baqede ukubhebhetheka kwezingozi ngokuthi bahlanze lezo zindawo emigwaqweni eselichitheke kakhulu igazi kuzona, kufakwe ama-speed humps ayizikhonkwane zesintu ukuvimba izingoz. Abaholi nabaphrofethi bangalekelela imindeni eminingi ngokulanda imimoya eminingi engazange yalandwa.
Kulindeleke ukuthi abelaphi bendabuko basebenzisane noMnyango wezokuThutha kanye noMnyango wokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu. uMphrofethi uMagejageja nabanye abaprophethi ngokumbulelwa uNkulunkulu bazozikhomba ezinye izindawo ezizodinga ama-speed humps nokuzolandwa kuzo imimoya ezulayo.
UDLAME LWEZEPOLITIKI – UKUHLANZWA KWEZINTELEZI
Izibalo zikhomba ukuthi bangaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi amabili abantu abaphangalala ngesikhathi sodlame lwepolitiki. Angikhumbuli kubakhona umkhankaso wokuhlanza isifundazwe isinyama sokugobhoza kwegazi elagobhoza ngenxa yodlame lwezepolitiki. Angisakhulumi ngokuhlanzwa kwezintelezi ezafakwa emizimbeni ukuhlomela izimpi zodlame. Izigigaba zodlame nesihluku esisetshenziswa izigilamkhuba kukhombisa ngokusobala ikakhulukazi esifundazweni, sethu ukuthi izigulamkhuba iningi lazo livukwa amaqunga adalwa ukusebenzisa izintelezi ezasetshenziswa kulungiselelwa ukuyolwa ngesikhathi sodlame. Ngihlala ngizibuza ukuthi kusuke sekwenzenjani uma umuntu egenca umzali amgqibe emgodini? Kusuke sekwenzenjani uma ibhungu elihle lidlwengula ugogo? Kusuke sekwenzenjani uma abantu bebulala amalungu omndeni?
Udlame olunesihluku olubhekiswe kwabesifazane lapha eKZN lushiya umuntu ezibuza imibuzo eminingi. Emini kabha lisuke ibhungu kubuka umphakathi, libhokode ngommese owesifazane uze uphume umphefumulo, bese esula igazi ngokulikhothangolimu lwakhe. Umuntu uyazibuza ukuthi ubulwane obungaka buqhamukaphi. Ngake ngancokola kodwa ngiqinisile ukuthi siphila esikhathini lapho umuntu esengancamela ukugibeza ibhubesi emotweni yakhe kunesidalwa esiwumuntu ngoba ibhubesi hleze lingagcina ngokukukhotha uma lisuthi. Namhlanje uma ugibeza umuntu emgwaqweni usuke uzibizela ukufa kuhamba kude kunawe.
Isilo esesabuza, uZwelithini kaBhekuzulu, sazama ukwenza umnikelo wokuhlanza izintelezi izinsizwa ezazifaka ngesikhathi sodlame. Ngisawakhumbula amabhavu ayelaphaya esigodlweni eNyokeni kuhlanzwa izinsizwa kukhishwa izintelezi. Ngangilindele ukuthi uhulumeni nosomabhizinisi bazoyixhasa iNgonyama kulowo mkhankaso wokuhlanza izinsizwa kodwa ngeshwa akwenzekanga. Ngiyanxusa kuhulumeni ukuthi uma lo mbhalo wami uyithola indawo evundile kubelaphi bendabuko naye uhulumeni afake isandla ukuhlinzeka abelaphi ngezinsiza ezizodingeka ekuhlanzeni isinyama esimnyama bhuqe kanye nokuqeda imimoya emibi eyenza isifundazwe sethu sihambe phambili ekwenzeni izinto eziphambene nomthetho nobuntu.
Enye yezincithabuchopho ezivelele zezwekazi lase-Afrika, uSolwazi Ali Mazrui encwadini ethi "THE AFRICANS" kunomugqa wokuqala kule ncwadi othi; izinyanya zase-Afrika zithukuthele. Ngokwami,intukuthelo yezinyanya ukubona ama-Afrika elaxaze aphinde ajivaza izinkambiso zesintu.
Abelaphi bendabuko nabaphrofethi abafana noMphrofethi uMagejageja bayingxenye yezinkambo zesintu esingathembela kubo ukususa leli lifu lesinyama esimnyama bhuqe kanye nemimoya emibi egubuzele iKwaZulu-Natal.
UDokotela uVusi Shongwe
EMGUNGUNDLOVU
KWAZULU-NATAL