IMPELA amanga achaziwe ayaledlula iqiniso elingachaziwe.
Inkosi uMntwana Mangosuthu Buthelezi uvamise ukuthi uma umuntu ekuthela ngodaka ebusweni kuhle ulususe ngoba abantu bayobabaza wena ongcoliswe ngodaka kunalowo okungcolisile.
Abezindaba batshelwe imbudane yokuthi i-IFP yaba yingxenye yesinqumo sokususa isiShayamthetho KwaZulu-Natal Ondini siyiswe ePietermaritzburg.
Empeleni lolu daba lwalubhedlwa yiqembu iDemocratic Party (DP) egcine isiyiDemocratic Alliance (DA) kodwa uKhongolose wangena kuhle kwempukane esilondeni yasenza sabhibha kakhulu, kwahungulwa imizwa yabantu kuthiwa izakhiwo ziningi kakhulu ePietermaritzburg akuthuthwe kuyiwe khona.
Iqiniso kodwa wukuthi kwakungekho zakhiwo zikahulumeni, inhloso kwakuyovuswa amabunga ezakhiwo zamakoloni ukuze inkece izuzwe wuhlanga olulodwa. Lawa mabunga abuye akhokhelwe nyanga zonke inkece eshisiwe lena esimi emqaleni kumanje engabe kufuqwa ngayo intuthuko emphakathini ontulayo.
Kwasetshenziswa ithuba ngenkathi kukhona amalungu e-IFP ayengekho, akukho lapho aduba khona aphuma ngenkathi kuvotwa ngesankahlu.
Empeleni seziyime emthumeni manje ngoba isifundazwe sikhokha izigidigidi zamaRandi ngonyaka kuqashwa izakhiwo okwakhohliswa abantu ngokuthi kunezindlu eziningi ePietermaritzburg.
Ngiligwema ngabomu leli gama lokuthi uMgungundlovu ngoba amabhunu kwathi uma eseshise isigodlo seSilo uDingane ngaseMakhosini aqamba iPietermaritzburg ngoMgungundlovu, okusho ukuthi ngqongqongqo mfana ngiyakwehlula okungamele ngabe siziqhenya ngaleli gama lokuqonelwa ngabezizwe.
Manje uhulumeni wesifundazwe unomkhuba wokuxhasa imfeketho uyeke izinto ezimqoka okumele zesekwe ngesikhathi esinzima senzikamnotho nokufika kobhubhane iCovid-19 emhlabeni wonke.
Kumanje uhulumeni usuhluleke wancama ukukhokhela izinduna amaholo azo aqiniswa kusomqulu kahulumeni njengoba ezikweleta itshe lemali kodwa ufuna ukuchitha imali elinganiselwa kuR11 billion wokwakha isiShayamthetho esisha.
Lokhu akuqali ngoba yiwona lo hulumeni owathembisa abantu bamakhosi Obuka, Obizo, Mambuka naseSomopho ukuthi kuzoba nesithabathaba somsebenzi wentuthuko owabe ubizwa ngeLuwamba, okwathiwa uzoveza inqwaba yamathuba omsebenzi futhi iuzoba yisibuko sesifundazwe. Namhlanje kodwa kusemanxiweni lapho phezu kokuthi izikhulu nezethenjwa zikahulumeni ezaziqokelwe ukwengamela lo msebenzi ukuthi ube yimpumelelo ungafadalali, zisaqashiwe namanje.
Abantu abanobufakazi bokuthi kwenzekani kumanje abalali emakhaya ngoba abanye bahambe emhlabeni ngendlela ehlasimulisa igazi.
Uma udaba lubikwa emaphoyiseni uthi uzwa kube sekuthiwa obephethe udaba usethathe umhlalaphansi.
Hhayi siyoyicela ivuthiwe.
Kudlaliwe ngabantu bakithi kodwa iqiniso wukuthi ngeke ubakhohlise kuze kube ngunaphakade.
Sibonga wena Mhlonishwa Velenkosini Hlabisa neqembu i-IFP ngokungavumi ukuba yibutho leSilo uFelaphakathi.
* UMnuz Blessed Gwala uyiLungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, umele iqembu i-IFP