PHAKATHI kwezipho ongazithengela umama wakho ngoSuku loMama, ungakhohlwa yizincwadi. Uma unomzwangedwa noma unesithukuthezi kuyasiza ukufunda incwadi ukuze uphumuze umqondo wakho.
Abe-Exclusive Books babophele inqwaba yezincwadi ezingathokozisa noma ngubani. ULucinda Riley, umlobi wencwadi ethi i-Atlas: the story of PA salt, ucikoza ngothando nokulahlekelwa ngenxa yezinselelo zempilo.
UShelley Read, ukuthatha akubeke endaweni yaseColardo, elandisa kabanzi ngothando, ngemfudumalo yasekhaya nokunye kwethi Go as a river.
Ukhipha olunye unyawo kwezokucikoza u-Ayobami Adebayo, omunye wababhali base-Afrika, abahlonishwa emncintiswaneni wezindondo, iWomen's Prize.
Encwadini ethi A spell of good things, u-Ayobami ulandisa ngezimfihlo zomndeni, ukuphelelwa yithemba ngenxa yezinselelo ezihlukumeza impilo. Ukhuthaza abantu ukuba babhekane neqiniso elithinta inhlalo yabantu nokungalingani kwezinga lempilo emiphakathini.
UContsanza Casati, ucikoza ngezigameko zokukhula kwakhe njengendlovukazi, njengomama, nanjengesidalwa esingumuntu kwethi, Clytemnestra.
Phakathi kwezinye izincwadi ezitholakala e-Exclusive Books, kubalwa ehlanganyelwe ngababhali abaningi ngenhloso yokuqhakambisa ukuzigqaja nokulwela amalungelo abesifazane ethi The Furies, bese kuba khona ebhalwe nguCecelia Ahern ethi, In a thousand different ways.
Abathanda umlando cishe bazokuthokozela ukufunda ethi I am Ella, elotshwe ngu-Ella Blumenthal, exoxa ngobunzima bempilo nokusinda ngesikhathi kuneMpi yoMhlaba yesibili.
Ungakhohlwa wukufunda ezinye izincwadi ezihlaziyiwe kwi-https://www.isolezwe.co.za/
Ziningi ezinye ongazithenga ngezobuchwepheshe https://www.exclusivebooks.co.za/