Igama lencwadi: Strive: 8 steps to train for success
Ababhali: Venus Williams noMyatt Murphy
Abashicileli:Platkus
KUGQAME kakhulu kuzikhandla komdlali wethenisi ngemva kokuthola ukuthi unesifo esingalapheki kalula (autoimmune Sjögren’s syndrome). UVenus Williams, usaqhubeka nokudlala emiqhudelwaneni emikhulu yize engemuhle empilweni. Lokhu kuyisibonelo sokuzimisela kwakhe uma esezibophezele kokuthile. Yize esenqobe izinkomishi ezinigi futhi ehlonishwa emhlabeni kepha uVenus uthi naye ubuye ahluleke ukwenza konke asuke efuna ukukwenza ngesikhathi esifanele.
Encwadini ethi Strive, ebhalwe nguVenus, elekelelwa nguMyatt Murphy, umdlali udalula izigaba eziyisishiyagalombili okumele uzilandele ukuze uphumelele kulokho osuke ukuhlosile.
"Akukhathalekile ukuthi usunqobe imiqhudelwano emingaki noma awukaze udlale phambilini, sonke sesike sabhekana nokuphoxeka, ukwehluleka nobunzima bempilo. Sonke siyakwazi lokho."
Inhloso yokubhala incwadi uthi isuswe yimibuzo eminingi ephonswa kuyena noma yikuphi lapho ehamba khona, uthi abantu bazitshela ukuthi uyakwazi ukwenza konke futhi akahlulwa yilutho. Uthi, cha. Akunjalo. Uthi uyahlangabezana nembibizane kepha ukhetha ukwehlisa umoya kunokuthi agqagqamuke avumele ukuhluthuka kwenhliziyo. Akaqali ukubhala incwadi ngoba kukhona eyokuqala ethi Come to win ayibhala nabanye osomabhizinisi.
Cishe izosiza abafuna ukuzicijela imidlalo nemiqhudelwano ethize.