Imibono

Ukunyanyalata ekwenzeni ubulungiswa ekuphatheni kubulala izwe

Thulani Mbatha|Published

UMengameli Cyril Ramaphosa

Image: Phando Jikelo / Parliament of SA

KUMELE kuhambe kuhambe abaholi abanikwe umsebenzi wokuphatha izwe benze lokho abakuthunyiwe nje kwaphela - ukuphatha izwe.

Indaba yokuphebeza izinkinga ngokwakha izixexelegwana zama-task team, nokujikela ekuqokweni kwamakhomishini okuphenya umonakalo, kumele ifike ekugcineni ngoba lokho akukhona ukuthatha izinqumo kufana nokuthalalisa. 

INingizimu Afrika iyizwe elinoMthethosisekelo onconywa emhlabeni kodwa lokhu kukodwa akungalihlomulisi izwe. Yebo, kuhle ukuthi iKhomishini efana nekaMadlanga iveza amahlazo nokungcola ebuholini bamaphoyisa kodwa empeleni lowo msebenzi unohlaka olusemthethweni okufanele ngabe luwenza nsuku zonke. Lolo hlaka yi-IPID (Independent Police Inspectorate Directorate). 

Saba nayo nekhomishini kaJaji uZondo iphenya okunye, kushaya ngonyawo lonwabu futhi okwenzekayo kukhomba ukuthi asifundanga kokwashiwo yiJaji embikweni walo.

Ukwahluleka ukwenza umsebenzi komasipala kudinga ukusukunyelwa ngokubaqondisa ubugwegwe labo abaphethe, kuboshwe ababolisa umsebenzi womasipala wokuletha izidingo kubantu. Lokhu kubunjwa kwamathimba ukuba ayoxazulula izinkinga akulethi zithombululo ezibonakalayo ngaphandle kokuthi kudla enye imali ekubeni izigilamkhuba ziqhubeka nokudonsa imiholo yemali yabakhokhintela. EThekwini kusekhona ithimba le-Presidential Working Group okuqubula imibuzo ukuthi lenzani phezu kwemeya nethimba layo emkhandlwini. 

KuMasipala waseMsunduzi kuphandle phezu kokuthi kwathunyelwa ongoti namathimba, kuze kube namuhla idolobha uMsunduzi limahlikihliki.

IGoli lifana nesiphuphutheki sebhanoyi elingenamshayeli lapho ingqalasizinda iwohloka ngapha nangapha. 

Akunambithisiseki ukuthi unyaka nonyaka uMengameli umemezela izinguyazana zamagunundu azobheka umsebenzi wabanye kodwa izehluleki ziqhubeke nokunaphaza. Lokhu kunyanyalata kudala izinkinga phezu kwezinye.