Imibono

Awasizi amakhomishini kodwa kukhona asilekelela kukho

Published

Ikhomishana kaMadlanga

Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers

KUKHULU ukugxekwa okuvelayo ngokusungulwa kwamakhomishini aphenya okuningi kuleli futhi abantu bakhala kufanele. Zimbili izinto ezikhalisa izakhamuzi ngala makhomishini.

Eyokuqala; ukuthi adla enkulu imali ngesikhathi eqhutshwa, okuyimali hleze okufanele ngabe iyobhekana nezinye izidingo zezwe. Okwesibili; kuba wukuthi kuthi lapho sekufanele kuthathwe izinyathelo zokuphenyisisa bese kujeza abenza ukungalungi, bese kuthalaliswa. 

Lezi zikhalo ziyiqiniso elingephikwe. Kodwa ngakolunye uhlangothi, njengabantu baseNingizimu Afrika kumele sikwazi ukusebenzisa ulwazi oluvezwa yila makhomishini ukuze sithathe izinqumo ezizosebenzela izwe uma sekuvotwa.

Yebo, iningi lezinsolo zigcina zingalandelwanga ngokugcwele noma kuphazamiseke izinhlelo zokuphenya ngesandla sepolitiki. Kepha lezi zinkundla ziyiwindi lokulunguza ekutheni ubuholi esibubeke emandleni abunalo iqiniso. Kuyishwa elibi ukuthi ubulungiswa bushaya ngonyawo lonwabu, kokunye kungabi namnyakazo sanhlobo ekuqondiseni ubugwegwe obubolisa izwe lethu, ikakhulu inkohlakalo eqhutshwa abaphethe. Kodwa iqiniso elikhulu okumele silamukele ukuthi ingxabo yamandla isezandleni zethu, hhayi kulabo abampongoloza usuku nosuku bethi banimele futhi bayanikhulumela.

Okwabo ukwakhela imindeni yabo nalabo abasondelene nabo ifa lakusasa ngokuthatha ngozwane emgodleni womphakathi. Futhi lesi simo ngeke sishintshe ngokukhetha abanye abazibiza ngomesiya abasha kodwa bephuma kuwo amaqembu asendlule izwe aliqeda kule minyaka edlule. Cishe yilokhu okumele ngabe kuboniswana ngakho ukuthi kwenziwa njani ukufundisa amaqembu ezepolitiki anqakisana ngabantu isifundo sokuthi amandla alele kubavoti.

Ngale kwalokho, umjikejo wamakhomishini uzoqhubeka nasezizukulwaneni ezizayo.