Imibono

Ukuvakasha kwakha umuntu ngezindlela eziningi

Thulani Mbatha|Published

Kuhle ukuvakashela izindawo ezahlukene nomndeni wakho

Image: Armand Hough / Independent Newspapers

ISIKHATHI esiphila kuso ungathi sinezinsuku ezifingqiwe. Umzali uvuka ekuseni alungiselele umndeni, abaya ezikoleni nasemsebenzini. Uma kubuywa emsebenzini nanka amabhodwe alindile nomsebenzi wasekhaya ezinganeni zesikole awuzibekile phansi. Impelasonto ayikho ngempela-ke kumuntu othi eqeda izimfanelo zasendlini noMgqibelo usuphelile.  

Umndeni uphumula nini? Umndeni usithola nini isikhathi sokuhlala kuxoxwe kuhlekwe kube mnandi? Yingakho kubalulekile ukuthi ezokuvakasha zibe yingxenye yezinhlelo zomndeni ukuze uchithe isikhathi ndawonye kungekho muntu onengcindezi yomsebenzi noma isikole. Imindeni iyadinga ukuphuma ivakashe ukuqinisa ubudlelwano nokwakha izikhumbuzo eziyoxoxelwa abazukulu.

Angazi noma yimina ngedwa yini kodwa uma ngixoxa nomuntu ngiyakwazi ukuzwa ukuthi lo ophambi kwami uzalelwe la, wakhulela la, wafunda la, wasebenza la, wagana noma waganwa khona la. Uma sengikuzwile lokho ngiye ngicabange izingane ngidabuke ngoba uma zikhuliswa wumzali onjalo ulwazi lwazo ngomhlaba luphelela la okuphelele khona abazali.  

Sinenhlanhla yokukhulela ezweni elingashodi ngezindawo ezinhle zokuvakasha. Isifundazwe nesifundazwe sidlisa ngokuhlukile. Akekho umuntu ongathi akazi ukuthi uphuma ubheka ngaphi.  Ingxenye yempilo yami ngikhulele e-Eastern Cape, namanje uma ngidlula eKokstad umoya uyashintsha kube sengathi ngikwelinye izwe, kanjalo noma nginyuka nesifundazwe ngiya eMkhanyakude.  

Ukuvakasha kungaphezu kweholide. Kuyimfundo ekhethekile ongeke uyithole ekhaya. Ukubona usikompilo lwabanye abantu kuyakwakha ungumuntu ubone umhlaba ngokwehlukile. Ukuvakasha kufundisa umlando ohlukile, kunike ukuqonda okukhethekile.

Lokhu ngikusho ngikubona kwezami izingane engiqala ukuzivakashisa zincane ukuze zikhule nemiqondo evulelekile. Lo omdala noma enamahloni kodwa uyazethemba, uyakwazi ukuzimela nokuthatha izinqumo nokwamukela abantu ngokwehlukana kwabo. Lo omncane (7) akanamahloni, akabesabi abantu futhi uyazikhulumela, akanandaba nokuthi ukuphi kukhona bani.  

Ngibhala nje sisendleleni siwumndeni, ngangithi kuzoba yisipho esiyimfihlo emndenini kanti angibuzanga elangeni. Lo omncane wabona ukuthi ngiyahlela wafunda wathula. Ngathi ngibeka ucingo phansi wabuza ukuthi iyaphi indlela, ngazama ukumkhohlisa. Impendulo yabuya ithi awukwazi ukufika lapho ngemoto, wabuza ukuthi yena uzohamba kanjani ngoba incwadi yakhe yokuvakasha iphelelwe yisikhathi. Angichithanga sikhathi kwadingeka ukuba ngibize umndeni ngiwazise ngoba kwakuzothi kusa abeselidayisile iphepha.

Uma singakhuluma iqiniso bangaki kithina ababazi nokuthi kukhona into okuthiwa yincwadi yokuvakasha? Bangaki kithi abazi beneminyaka eyisikhombisa ukuthi uma uya e-United Arab Emirates uhamba ngani nokuthi kukhona kwayindawo enjalo injani? Yena lo omncane ungiqede amandla esebuza ukuthi sihlezi kuphi ebhanoyini kwi-Economy noma i-Business Class.  Ngithe mangithi okwamanje umama usakhona ithikithi le-Economy wathi akusebenze imali yakhe esebhange sinyukele kwi-Business Class.  Noma ngiphoxekile kodwa ngijatshuliswe wukuthi emncane engaka uyayazi le mininingwane.

Ezokuvakasha ziyawuvula umqondo enganeni, ikhule yazi ukuthi umhlaba mkhulu, udinga umuntu onomqondo osabalele wedlule amagquma nezintaba umuntu akhulela kuzo. Okubalulekile wukuthi ingane ifunda ukuphupha kangcono ibe nezifiso ezingapheleli lapho okuphelela khona amehlo ayo.

Ezokuvakasha azikhulisi izingane kuphela kodwa nabantu abadala bayadinga ukuphungula ingcindezi ngokushiya amakhaya bake bayobona umhlaba babeke uhlangothi emashidini amhlophe qwa. Angive ngibusiseka uma ngihambile ngibona abantu abadala bezipholele, ikakhulukazi uma behamba bodwa bengakhalelwa ngane namzukulu. Abantu abasebenzayo bayazikweleta amaholide noma amabili ngonyaka, bajabulise lo mzimba osebenzayo obathwala nsuku zonke.

Ukuvakasha akusho ibhanoyi njalo. Umuntu angagibela imoto aye noma yikuphi esifundazweni ahlala kuso noma avakashe kwesinye isifundazwe. Kubalulekile ukuthi ngaphambi kokuthi simeme abantu bangaphandle ukuthi basivakashele sibe nathi sesivakashile. Kuningi engingakusho kodwa awukwazi ukukhulela eThekwini kanti awukaze uye ePort Shepstone noma ePort Edward.  Umuntu azishaye isifuba ngokuba owaseThekwini kodwa eMtubatuba wagcina ngokubona kancane behambise umbondo, akazi nokuthi kune-World Heritage Site khona.

Ayike ivalelwe isizathu esizwakalayo imizi abantu bephumile nemindeni bevakashile nokungenzeka ukuthi umuntu abuye nomqondo omusha ozokhulisa umndeni.