Imibono

Uvuna izithelo zokuzibophezela emfundweni

Mpume Nzimande|Published

UMBHALI: Mduduzi Leskey Cele

ABASHICILELI: Porcupine Press

INSIZWA ekhulele KwaZulu-Natal, ilandisa ngempilo yayo. UMduduzi Leskey Cele osengusolwazi kwezeSayensi, uthi akuzange kube lula ukufika kwakhe esicongweni kepha wabekezela futhi wazibophezela ezinhlosweni zakhe. Kunezindatshana azilobile ezichaza ngesimo esithile empilweni yakhe nokuthi senzeka kuphi futhi wathola siphi isifundo. Okuhle ngencwadi wukuthi inamancoko futhi isebenzisa ulimi oluqondile.

Ulandisa ngokuba ngumfana ofunda esikoleni samabanga aphansi eSobantu, aze adlulele KwaDlangezwa, nasoLundi, aqhubekele phambili nemfundo aze ayongena eNyuvesi eseLimpopo.

Konke lokhu uCele wayekwenza ngoba enezinjongo zokuncela ulwazi lwezemfundo futhi ethanda nokudlala ithenisi. Incwadi igxile ekuqhakambiseni imfundo, ukuzihlonipha, ukuzibophezela ezintweni eziphusile nokuba namahlaya empilweni futhi ukwazi ucija nomzimba wakho ngemidlalo ehlukene.