Imibono

Izinhlobo ezehlukene zokudla okunciphisa umzimba

Mpume Nzimande|Published

INCWADI: The South African Keto & intermittent fasting cookbook

ABABHALI: Rita Venter noNatalie Lawson

ABASHICILELI: Human & Rousseau

EKUQALENI konyaka kuvamisile ukuthi abantu benze iziinhlelo zokushintsha okuthile empilweni. Abesifazane bavamise ukuhlelela ukuzinciphisa emzimbeni nokunye. Incwadi ethi The South African Keto & intermittent Fasting, ingase ikusize ukuze ufeze izibopho ozenzayo mayelana nohlobo lukudla olungakusiza wehlise isisindo somzimba.

Kafishane nje, iKeto igxile ekutheni umuntu aqinise ekudleni okunamafutha anempilo njengalawo aphuma ku-kotapeya, amakinati, inyama, namaprotheni bese enciphisa ukudla okunesitashi njengepasta, isinkwa, ilayisi nokunye. Ababhali okunguRita Venter noNatalie Lawson, baxwayisa ngokudideka okuvamise ukwenzeka uma abantu bekhuluma ngeKeto.

Ngesinye isikhathi iKeto imataniswa nesifo sikashukela kepha eqinisweni akunjalo kanti bakhona odokotela abangakweluleka ngalokhu.

Encwadini kunezigaba ezehlukene ezingakusiza uma usuhlela ibhajethi yokuthenga ukudla kwakho futhi kuya ngokuthi ungumuntu othandana hlobo luni lokudla. Kunohlelo lwesonto lonke olukusiza ekutheni ukwazi ukulungiselela futhi uxube osuke ufuna ukukudla usuku, nosuku