Imibono

UThebe uthi uyazigqaja ngokuba ngowase-Afrika

Mpume Nzimande|Published

Incwadi: The traveller

Umbhali: Thebe Ikalafeng

Abashicileli: Tafelberg

INCWADI ilandisa ngempilo kasaziwayo waseNingizimu Afrika, ohlonishwayo ngezinkulumo zakhe ezigqugquzelayo, uThebe Ikalafeng.

Kusukela ekukhuleni kwakhe eGaleshewe, eBloemfontein, kuya ekutholeni umfundaze e-USA, kuze kuyofika ekubeni yisivakashi esizigqajayo ngamazwe ase-Afrika, nokunye.

Utusa ugogo nomama wakhe ngokumkhulisa kahle nokumnakekela ngoba uyise wayengabonwa nangokhalo ngesikhathi esemncane.

Udalula nokuthi wayeke abambe itoho lokugada izingane zika-Adv Dali Mpofu, ngesikhathi eseyisitsudeni eNyuvesi iWits, lokho kwakwenza akwazi ukuzinakekela.

Uqhakambisa ukuzigqaja ngokuba ngowase-Afrika, nokuhlonipha isikompilo lezwe, nezwe kanye ne lezwekazi.