Imibono

Uvuke wazithatha ngemva kwesehlukaniso

Mpume Nzimande|Published

Umbhali: Nomvuyiseko Gloria Noganta

Abashicileli: Reach Publishers

UKUGQABUKA kwegoda phakathi kwabantu abashadile akujabulisi kepha kuyenzeka ngenxa yezizathu ezithile. Kwaba njalo nakumbhali wencwadi ethi Collecting my broken pieces after divorce, uNomvuyiseko Gloria Noganta.

Ulandisa ngohambo aluthatha ngemva kokwehlukanisa nomyeni wakhe eneminyaka ewu-19, nezingane zamantombazane ezintathu.

Ubalula ukujabha kwakhe ngesinqumo sakhe ngoba wayephoxa abazali bakhe kepha uthi kwase kufike isikhathi sokuthi awushiye umendo. Wabhekana nokuthukwa ngezinhlamba ngumphakathi, nokushawa indiva ngabangani bakhe abashadile nalabo abangashadile. Ugxeka inqubo yesintu enikeza abesilisa amandla angalingani nawabesifazane emshadweni ekubeni beshadile.

Usola ukuthi wayengakakhuli ngokwanele ukuthi angabhekana nezinselelo zomendo kepha okusemqoka wukuthi wayengasakujabuleli ukuba ngunkosikazi womuntu ongamhloniphi.

Kuningi okwenzeka empilweni yakhe okwagcina kuba yisifundo kuNomvuyiseko.