Imibono

Uvuna akutshalile umlimi onefamu letiye

Mpume Nzimande|Published

Umbhali: Jackie Phamotse

Abashicileli: Penguin Books

UBUYE ngezinkani umlobi wesifazane wakuleli uJacki Phamotse ngenoveli ethi The tea merchant. Ingqikithi ingomlimi uCameron Coal, obhekene nobunzima bokuvikela ipulazi lakhe ukuthi lingashabalali njengoba ebhedelwa yisimo kwezomnotho.

Lokhu kwenzeka ngemva kokushonelwa ngunkosikazi futhi usebhekene nenselelo yokukhulisa indodakazi yabo yedwa. Kuvele kuqubuke umlilo oyiqubula ophoqa uCameron ukuthi enze okuthile kepha uyakhohlwa yilokho uma ebonana nomhlengikazi othile. Uyadideka uCameron azibone esethandana noLuna, umhlengikazi onezimfihlo.

Umbhali wazifaka obishini phambilini ngesikhathi ethunaza abakwaKumalo, uBassie noRomeo, inkantolo yamjezisa. Le ncwadi inezingxenye ezimbili kepha lena ngeyokuqala.