Imibono

Koma amathe uma ebona isoka lakudala

Mpume Nzimande|Published

Igama lencwadi: It ends with us

Umbhali :Colleen Hoover

Abashicileli: Simon &Schuster

UCOLLEEN Hoover ucikoza ngezothando lapho uLily ehlangana nosukasambe wensizwa engudokotela uRyle Kineaid. Yize bethandana kepha uLily ubuye azibuze, aziphendule uma ecabanga ngesoka lakhe lakudala u-Atlas Corrigan.

Uthuka ome amathe uLily uma kutheleka u-Atlas edolobheni ekubeni sekuphele iminyaka bengabonani. Kusobala ukuthi uLily usalithanda isoka lakudala ngoba yilona elagqekeza isitolo. Lena yinoveli ethokozisayo futhi enamancoko angakwenza ukhohlwe yizikweletu njengoba kuza amaholidi.