Imibono

Impi yeminyaka kowanukubezwa yizihlobo

Mpume Nzimande|Published

INCWADI: Walking through front door

UMBHALI: Claudine Shiels

ABASHICILELI: Bookstorm

UGEQA amagula uClaudine Shiels ngokukhula ngaphansi kwesimo sokunukubezwa yizihlobo zakhe. Ngokusho kombhali kusukela unina ebashiya noyise abaphindanga bajabula noma bathola ukuvikelela. Uthi yisona sikhathi izigilamkhuba zathola ithuba lokubanukubeza benodadewabo uLisa van der Merwe.

Encwadini ethi Walking through front door uClaudine Shiels, ugonyuluka ngokulahlekelwa yithemba esemncane. Ngo-2018, uClaudine nodadewabo uLisa basebenzise umthetho obizwa ngeFrankel 8 criminal procedures, ogunyaza ukuthi kushushiswe amacala okuhlukumeza ngokocansi ezenzeka eminyakeni yawo-1970.

Kepha ngo-2021 yaphonselwa inselelo imithetho eshushisa amacala okunukubeza ngokocansi, zanqoba izigilamkhuba. Kwathi ngo-Meyi 2024 uhlangothi lwezelamani lwaphonsa inselelo futhi lwanqoba. Kumanje izigilamkhuba zidlulisele icala eNkantolo yoMthethosisekelo kepha asikakhishwa isinqumo.