Imibono

Ucija abantu abasha base-Afrika ngolwazi

Mpume Nzimande|Published

INCWADI: The brave code

UMBHALI: Musa Kalenga

ABASHICILELI: Tracey McDonald Publishers

UYAQHUBEKA uMusa Kalenga nokucobelela abantu ngolwazi kwezokukhangisa, ezokuqhakambisa nokuthengisa imikhiqizo nezobuchwepheshe. Phambilini ulobe incwadi ebigqugquzela ukuzimela kwabantu abasha nokulwela imibono nezinjongo zabo kwezamabhizinisi.

UMusa unenkampani ebizwa ngeBrave Group, okuyilapho ezama khona ukuphemba nokushintsha izinqubo zakudalo, ezibonakala ziphelelwe yisikhathi. Unezinhlelo ezihambisana nokuthuthuka kweminotho yamazwe ahlukene. UMusa unenkolelo yokuthi i-Afrika, inakho konke okungayenza ukuthi ithuthuke ifike ezingeni lamazwe omhlaba ahlonishwayo.

Umlobi ukholwa wukuthi abantu abasha base-Afrika, bakhaliphe ngokwanele ukuthi bangashintsha izinto kwezokukhangisa, ezobuchwepheshe, nokusetshenziswa kwezinkundla zokuxhumana.

Le nsizwa inesipiliyoni kwezokukhangisa, ezokuthengisa nokuqhakambisa imikhiqizo

Ungakhohlwa ukufunda ezinye izincwadi ezihlaziyiwe esindalwazini seSolezwe, https://www.isolezwe.co.za/

Izincwadi ziyatholakala ezitolo zase-Exclusive Books

https://exclusivebooks.co.za/