Imibono

Unenge nabalandeli ‘umlabalaba’ odlalwe yiChiefs

Published

UNOZINTI weKaizer Chiefs Itumeleng Khune isithombe: Kaizer Chiefs/TWITTER

Yize siphuma empelasontweni ebigcwele ubumnandi, njengoba bekusindwe ngobethole emjahweni wamahhashi oyindumezulu eThekwini neminye imicimbi ithe chithi saka, abalandeli abaningi beKaizer Chiefs bebenganeme.

Leli qembu elinomlando omuhle wokuwola izindebe kodwa elisahlaselwe yisomiso, bekulindeleke liqhamuke namaqhinga nemizamo yokuvusa iqembu. Bekulindeleke liqinise izifociya, liphume liqalaze, libheke ukuthi lizothathani lihlanganise nani ukulungiselela isizini eqala ngenyanga ezayo.

Bekunamathemba amakhulu okuthi lizobuya nezindaba ezimnandi njengoba beliphume inqina libheka abaqeqeshi. Nokho-ke lokhu elikwethule ngesonto elidlule kuphoxile, akwehlanga kahle kubalandeli abaningi.

Babodwa abebekhononda bethi bese kugcinwa icala nje uma kuthiwa “kuqokwa” uMolefi Ntseki ukuthi ahole ithimba labaqeqeshi, abanye besabisa ngokulilaxaza phansi iqembu ngenxa yalo “mlabalaba” ebeliwudlala ngokwehlisa u-Arthur Zwane esikhundleni bese kudonswa uNtseki eduzane kwakhe, aqhwakeliswe.

Kuyacaca ukuthi akuhambanga kahle phakathi kwabaphathi beqembu nabaqeqeshi abebekhulumisana nabo. Kuyacaca futhi ukuthi lo mlabalaba abagcine bewudlala ngesonto elidlule bebezama ngawo ukufihla ihlazo, noma ukugcina icala.

Lokhu kugcina icala kwabo kube nomthelela omubi. Kuthunaze futhi kwaxova lokhu okuncane obesekuhlanganisiwe ngaphansi kobuholi bukaZwane.

Kwenzeka lokhu nje, abalandeli beZimpofana isibabulele indlala yenjabulo futhi sebekhathele wukuphelezela abamanye amaqembu nokuphendulwa inhlekisa.

Bobabili laba baqeqeshi bavuthiwe, baqeqeshiwe futhi bayazimisela ngomsebenzi wabo. Bekungafanele kudlalwe ngabo “umlabalaba”, okuyinto ebehlise isithunzi.

Lokhu akuqinisi idolo ngekusasa leChiefs nekusasa lebhola lethu jikelele.

Abaqeqeshi abawufundele umsebenzi wabo, abanezincwadi futhi abazinikelayo njengalaba bekungafanele baphathwe ngale ndlela ethunazayo.

Uma belazi iqiniso kuKaizer Chiefs, uMangethe bekumele anikezwe elinye ithuba, mhlawumbe-ke elokugcina. Kodwa-ke abaziyo bathi ohlaba eyakhe akakhuzwa.