ISIHLOKO SENCWADI: The John and Ntombi story: A memoir of thei love and times
UMHLELI: John Carneson
ABASHICILELI: The Grasped image
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
INQUBO yobandlululo kahulumeni wamabhunu eyayilawula eNingizimu Afrika, yayingabavumeli abantu bezinhlanga ezihlukene ukuthi bathandane. Phakathi kwemigomo yengcindezelo, uhulumeni wayekuthatha njengokwephula umthetho ukuthandana kwezinhlanga ezihlukene futhi ebabopha abenza lokho.
Incwadi ilandisa ngezigigaba zokuthandana kukaJohn noNtombi Carneson kusukela behlangana ngo-1983, ngesikhathi besekudingisweni eTanzania. Babeyingxenye yomzabalazo we-ANC, owawulwa nohulumeni wobandlululo eNingizimu Afrika.
Encwadini The John and Ntombi story; a memoir of their love and times, ebhalwe nguJohn Carneson, kuyahlaluka ukuthi bobabili baphuma emindenini ehlukene ngokwebala nangokwezinga lempilo kepha uthando lwabo lwenza bakwazi ukunqoba izinselelo kwezepolitiki nasempilweni.
UCarneson uchaza kabanzi ngokukhulela emdenini wabazali ababelwa nobandlululo kanti uyise uFred wayengomunye wababesizwa yingqalabutho yommeli u-Adv Bram Fischer ecaleni lokuvukela uMbuso. Kusobala ukuthi uJohn wathola ugqozi lwezepolitiki nezimfundiso zokulwela amalungelo abantu ekhaya. Uhlangana noNtombi ozalelwe eLadysmith, bashade ngo-1984 eLondon.
Izinselelo zokuxhumana nokuqondisisa izilimi zigqama lapho bevakashele emazweni angaphandle ngesikhathi beseSunderland, lapho uNtombi enqwamana nabafana babelungu bese bembiza ngegama elinokucwasa, 'Paki' .
Echaza uJohn ngesigameko ekhasini 84, kuhumusheka kanje: "UNtombi akazange aqondisise ukuthi kungani becabanga ukuthi ungowomdabu wasePakitsan. Ngamchazela ukuthi basebenzisa leli gama ukucwasa noma ngubani onebala elihlukile kwelabo futhi iningi labo lalingayazi kahle iGeography."
Ekubuyeni kwabo eNingizimu Afrika ngo-1993, bahlangabezana nezinye izinselelo njengokuthi kwakusenabantu abamhlophe ababesagcwele ubandlululo.
Bavakashela ubabekazi kaJohn, owayehlala ekhaya labantu abadala kepha wenqaba ukuthi uNtombi angene ngaphakathi azombona ngoba engafuni ukubonakala exoxa nomuntu omnyama. Ziningi ezinye izinselelo kepha okuhle izithandani ezazilwa nengcindezelo zisashadile nanamhlanje, kumanje zihlala eTshwane.
Kuningi okungavula abantu amehlo ngezepolitiki, ukulawulwa kwamazwe ahlukene okubalwa iBritain, ikakhulu edolobheni iSunderland. Uthando lwabo lwenza bakwazi ukubhekana nezinselelo empilweni.