Imibono

Abavotayo abayibuke eyokuxhashazwa yizikhulu ePhalamende

Published

NKOSAZANA DLAMINI ZUMA

MHLELI: Okwenzeke ePhalamende kuqala isonto, kushaqise izwe kubantu ababuzwayo ubunzima esibhekene nabo ezweni. Wake wathi umengameli waphambilini Mnuz JG. Zuma:"Hheyi ziyenzeka izinto ezweni madoda.“

Naye umtna kaGcinamazwi wayebuka kwenzeka izinto ayengakholwa ukuthi zenzeke kanjani ngaleyo mihla ayesho ngayo la mazwi ,kodwa zenzeka. Kuyavama ukuthi abantu abasemazingeni aphansi nje, kanjalo nabahlaziyi bezombusazwe abaneqiniso uzwe bethi osombusazwe basebenzela izisu zabo, kodwa ngapha "babamba" abantu bethi basebenzela bona.

Okwenzeke ePhalamende kubone nengane ekhasela eziko ukuthi kunjalo. Akukwazi ukuthi abantu abaningi kangaka ePhalamende bebengavota ngale ndlela abavote ngayo, ngento ebonakaloyo futhi neJaji S Ngcobo esekhulumile. Kuyacaca ukuthi ngisho izwe lingaba mahliphihliphi kanjani, kodwa nje bona uma beyohlala besezikhundleni kuphelile.

Umbuzo uthi ababekiwe yini kulezo zikhundla yilaba bantu abababukela phansi? Ngathuka impela sekuhlakazekwa, bayahuba omama nobaba bajabulela "ukunqoba" Kunjena ezweni? Pha yini uMsholozi elokhu ehlokolozwa ngezimboko ezinde, ecijelwa nemikhonto kanti yinto esemthethweni ukuthi embuthweni wesizwe imali yabakhokhi bentela iyifa likadliwanomangubani osuke esemandleni ngaleso sikhathi? Siyabongeka isibindi sikaDkt NC Dlamini-Zuma owakhombisa isibindi nokuzethemba, obonakale ethukuthele mhla kuvotwa.

Yini manje asatshiswe nxa enze lokho akholelwe kukho nonembeza wakhe? Awusebenzi yini unembeza embuthweni wo-Oliver Tambo, Waltet Sisulu, Josiah Gumede nabanye abaholi ababenonembeza nobuqotho. Abantu abavotayo abayibuke ngelinye iso le nto yokuxhashazwa kwabo yizikhulu ezisePhalamende. Futhi isimo esinje besesidinga inhlolovo yezwe. Kudlaliwe ngabantu bezwe lakithi egameni lenkululeko.

Okunye, kunabantu abangena ePhalamende nasezishayamthetho ngo-1994 ngisafunda isikole kodwa namanje kabadeli. Ngisho umuntu esekhishiwe ngezizathu ezithileu funa ukubuyela. Imali yidimoni. Kwathengiswa ngayo iNdodana yoMuntu.

PN Mthethwa

EMPANGENI