Imibono

Kayizwakali eyokukhululwa kukaWalus owasona kangaka

Published

South Africa ? Midrand ? CJ Zondo ? 24 March 2022. Deputy Chief Justice Raymond Zondo has been announced as the Chief as of 01 April 2022, he made himself available to answer some of the media questions during a session at the of the chief justice in Midrand. Picture: Timothy Bernard African News Agency (ANA)

MHLELI: Ngifisa ukuzwakalisa ilaka lami ngokudedelwa kombulali kaChris Thembisile Hani, uJanusz Walus. Impela wazivumela ngowakhe ukuthi nguye owabulala iqhawe labantu abamnyama eBoksburg, eGauteng, ngo-Ephreli 10, 1993.

Ukudedelwa kwakhe ngikufanisa nokungekho emthethweni ngokolwazi lwami oluyisikhece (basic law) lokuqonda umthetho. Sengidabukela kakhulu inkosikazi yakhe uLimpho Hani. Noma ngabe ukhululwe ngaphansi kwamiphi imgomo nemibandela kodwa ukukhululwa kwakhe akunaqiniso.

Okubi kakhulu ukuthi wala waphetha ukuveza isizathu okanye abantu abam'thuma ukuba abulale uHani. Phela ukubulawa kukaHani kwakufana nse nokuhlokolozwa kwabantu abamnyama e-Afrika jikelele. Ngingajabula uma umndeni kaHani ungalwa nalesi sinqumo noma ngabe ngayiphi indlela ukuze lo mbulali aphindele ejele.

Chris Hani, will be honoured by the post office

Kuyaxaka ukuthi iJaji uZondo elibizwa ngoMengameli wamaJaji eNingizimu Afrika, ukuthi lingagunyaza kanjani ukudedelwa kwalo mgulukudu kungekho okusha akwethulele uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo oholwa nguMnuz Ronald Lamula? Phela sekukaningi echithwa uWalus ezicelweni zakhe zokudedelwa. Kuyacaca ukuthi ukudedelwa kwakhe kunepolitiki phakathi, futhi ipolitiki enuka phu!

Njengoba ukuboshwa nokukhululwa kukaWalus kuthinta izwe, kufanele uZondo njengenhloko yamajaji noLamola, batshele izwe ukuthi kungani kukhululwe umbulali? Phela sekukaningi zichithwa izicelo zikaWalus njengoba kwenzeka nango-2020, uLamola ekuchitha ukudedelwa kwakhe.

Ngabe bafuna azoqhubeka lapho agcina khona, aqothe abantu abamnyama? Kuyacaca ukuthi le nto eyenzekayo iqhutshwa ngabathize besentshenziswa ngabathize ukuze kufezeke izinhloso zabo ezithile.

Sibahle Ngobese

ENQUTHU