UDkt VVO Mkhize.
Ukuwa kwenye indlu ukuvuka kwenye. Ukuthi ivuka kanjani olunye udaba lolo. Okusele isuke iwile, enye yavuka. Abadala sikhule besho njalo, kodwa lokhu bekusebenzisa ngobuhle obungaqonde bubi futhi okungayoba ububi kwikusasa eliyoqhamuka.
Namhlanje sekungolunye udaba. Ukulahleka kwesiko nesintu, nemikhuba yemindeni namaziko emisamo yemindeni, nempande, sekwenze ukuba kuqhamuke esingathi isintu esisha nenqubo yokwenza izinto kabusha engazange yaze yabakhona emandulo.
Namhlanje sekulula ukuthola umuntu enza into uma umbuza ukuthi ukwenza kanjani lokhu ngoba kuphambene nesintu, athi ngitshelwe esontweni engikhonza kulona noma ngitshelwe ngumelaphi ugobela noma umthandazi. Ilokhu namhlanje esingathi sekukhona imifula emibili egelezela umuntu omnyama: umfula wesintu nesiko osekwalahleka, bese kuba ngumfula oyimpophoma oqhamuke nabelaphi besintu bezinhlobo zonke namabandla. Uma ngithi bezinhlobo zonke ngiqonde noma ngabe yiluphi uhlobo lohlanya.
Asamukele ukuthi isintu silahlekile, ngeke futhi uthi uzosifunda phansi encwadini ngoba kufanele usiphile ukhulele kusona ukuze usiqonde. Kungakho namhlanje uthola abantu ababili abehlukene bechaza into eyodwa efanayo kodwa ubezwe beyisho ngezindlela ezingefani ngoba sekwalahleka ukukhuliswa nokukhulela kusona isintu nesiko. Kulula namhlanje njengalokhu uzwa emisakazweni eyehlukene abelaphi nezinyanga bezama ukuchaza into ethize kodwa bayisho ngokwehluka bayihlanekele ngoba sekwande nalabo abangakhulelanga kusona isintu asebesicosha ngendlela, abanye basichaze ngoba kufanele kube khona inzuzo kwabakushoyo.
Isintu nesiko kuqondile kuyaziwa ukuthi izinto ziphila kanjani, uma zonakala kwenziwa njani, nokuthi kwakuthi uma kuphunywa ukuyozwa ngomhlola ekhaya kwaziwe ukuthi kuphunywa kubhekwephi ngayiphi inhloso. Okwakutholakala lapho kwakungaphambani nesintu nesiko uma kungukuthi isiko elithuke laphanjaniswa. Namhlanje umfula omusha oyimpophoma wabelaphi nezinyanga ilowo wokuhlanekezela izinto kujahwe ukuyolungisa ekhaya lomuntu. Ikhaya yilona eselithandeka kakhulu eliba yinkundla yokugida abelaphi nezinhlanya bezobethela bangenise izidalwa. Sekulula ukutshelwa ukuthi ningalicithi igazi la ekhaya, nempepho ningayishisi, nokulawulelwa emsamo womuzi kulawule umuntu ongesona nesincane isihlobo kuleli khaya. Sekulula ukulawula impilo yabantu abanesiko nesintu kulawulwa ngumelaphi, utshelwe okungafanele ukwenze ukuzwa ngomelaphi kumbe umthandazi, kodwa uma ukulandela uthole ukuthi kuphambane.
Abantu abangu-80% namhlanje abasaphili impilo yesiko nesintu kodwa sebephila impilo yokuthi umelaphi nenyanga nasenkonzweni kuthiweni. Ngamanye amazwi namhlanje ngokulahlekelwa esasinakho nobabamkhulu abangasishiyanga nakho bafika abelungu basigugula ngokusiphuca umhlaba, lokhu sekwenze sangaphila impilo yethu kodwa sesiphila impilo yabathi bayaselapha, nabangabefundisi ezinkonzweni zethu. Namhlanje sekulula kumuntu ukuthi athi ngenze ilathi ngathenga izingubo zengane encane ngigeza ingane eyaphuphuma. Lokhu ukutshelwe ngumthandazi kumbe ngumelaphi, kodwa uma ubuza ukuthi zazikuphi lezo zingubo emandulo, impendulo ungayitholi.
Le mifula ize isixake ngoba abanye bethu babhukuda kuyona yomibili bebe bewuphika omunye. Kukhona abathi ngiyakholwa kodwa ngiyasigcina isintu. Kuthi uma kwenziwe umsebenzi wesintu, ekugcineni ayogcina efikile amakholwa ezobeka umthandazo nomkhuleko, okuyinto enhle, kodwa ekugcineni uyathola ukuthi kunzima ukwenza okukodwa ngenxa yokungatholakali kwalokhu okuyikhona okwalahlekela umuntu omnyama. Ngisho siyizifundiswa simnyama siyikazela amajazi, ekugcineni ulimi lwethu silusheba nabezizwe, isilungu phakathi, kunzima ukuqeda inkulumo ungazange wajikijela elesilungu igama. Abanye bazithole kungukuphila abakubona kungcono uma bekhuluma kumbe bezobhala ngesilungu esiqinile esedlula iNgisi lakubo kwaleso siNgisi, ukutshengisa ukuthi nginguSolwazi oqeqeshekile, nodokotela ozithwalile iziqu.
Yile mifula emibili esingasayophinde siphume kuyona, siyobhukuda kuyona nesizukulwane siyobhukuda kuyona naso siphinde sibhukudise esiyolandela. Namhlanje kubili esikutholayo: Isiko nesintu sesintu somuntu ommyama njengalokhu sasinjalo esasingayelwa kohlola nakubhula okwenzelwa ngumuntu. Bese kuba khona okusha : isintu nesiko: kwabelaphi bendabuko nezinyanga nabaphrofethi, namabandla esikhonza kuwona asiholelakulokho inkolo yabamhlophe eyafike yasishiqeka kukhona.
Uyathanda awuthandi umuntu omnyama njengamanje ugwiliza kule mifula emibili, okungelula ukuphuma kuyona, nokungelula ukuphumelela kuyona ngoba yomibili iyambinda agcine egwiliza. Uthi egwiliza kule mifula bese kuba khona lezi zingubo angena kule mifuna ezigqokile: Imfundo yaseNtshonalanga ayothi noma ethi uzama ukuzilungisa nesibaya sakubo, sobabamkhulu bakhe nesesizwe kodwa elokhu ezithola esebenzisa izinsiza zalokhu akuthole esikoleni nasenyuvesi waze waqhwakela, ekuqhwakeleni kwakhe agcine engashiyi lutho lwesizukulwane emhlabeni. Izinsukwana ehambile; sebelikhohliwe igama lakhe.
Noma imuphi umfula osuke usuyongenisa olwandle ungenisa ungcolile, lufike ulwandle lukhahlele, kodwa ekugcineni luyogcina luwamukele nalokho kungcola kwawo.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)
Isigodlo saseMlambomunye: School of African Indigenous Science
GAUTENG: 010 007 5294/5
KZN 087 11 00 555.