MHLELI : Kungenze ngazenyeza ukuba yisakhamuzi sasezweni elingenabaholi njengeNingizimu Afrika lapho izakhamuzi zakhona zidikwadikwa yimigulukudu yakwamanye amazwe kungabi ndabazalutho.
Kungimangazile ukuthi ukuhlukumezeka komphakathi wezwe lethu sekukhathaza abakwamanye amazwe, phela ngizwe umholi weqembu eliphikisayo eZimbabwe ephawula ngakho. Ekuphawuleni kwakhe uthe sekumele kungenelele iSADEC ngokudlanga kobugebengu ezweni lethu lapho kubandakanyeka khona abaseZimbabwe . Uphawula ngokudlanga kobugebengu njena abaphethe ezweni lethu bahuqa ubuthongo sengathi konke kuhamba kahle, yinye kuphela into abayikhuthalele njalo emuva kweminyaka eyisihlanu akungalali befuna amavoti emphakathini abangenandaba nokuphepha kwawo.
Mangakanani amacala enzeka ezweni lethu othola ukuthi kuwona kubandakanyeka abantu baseZimbabwe nabaseMozambique kodwa abaphethe bangathathi zinyathelo ukuqinisa umthetho. Sikhuluma ngabantu ebebemdibi munye nezigebengu ezingu 25 ezadudulana ngemijojantaba nabezokuphepha behlela ukubamba inkunzi izimoto ezithwala imali lapho ezinye zasala enkundleni. Sibonile nesigameko esifuze lesi lapho imigulukudu idudulane namaphoyisa aseBotswana kwasala abayisihlanu enkundleni, nakhona futhi kwakuthinteka imigulukudu yaseZimbabwe neyaseMozambique ngokunjalo noyedwa wasezweni lethu.
Nangu nosomabhizinisi obethunjiwe okhululwe amaphoyisa kwatholakala izigidi eziyisithupha zamarandi nezibhamu , uma besho ungqondongqondo kuzona lezi zelelesi obanjiwe ungowaseMozambique. Kuwona lowomnyama umphakathi osukhathele ngokuba yizisulu zabaphangi usuzisungulele inhlangano i-Operation Dudula uzama ukukhuculula ukhipha abokufika abakuleli ngokungemthetho kodwa uhulumeni ulwa nabo ubabiza ngezaphula mthetho.
Maningi amacala enzeka mihla yonke kodwa kwabasemandleni kuhulumeni kungadikizi nqulu. Sizophila le mpilo kuze kube nini ngoba phela noMengameli wezwe lethu okubalulekile kuyena ukuphemba umlilo womkhankaso wokuthi akhethwe ihlandla lesibili ukuze aphathe izwe.
Njengoba esezibonakalisile ukuthi ungumuntu wezethembiso ongazifezi ngabe sisazohlala naye eminye iminyaka eyisikhombisa nento ebuholini bakhe.
Okuxakayo wukuthi lapho kuvela khona izinswelaboya eZimbabwe naseMozambique abukho khona lobu bugebengu , kwelethu izwe siyomkhetha nini umengameli oyoba nozwelo ngabantu bezwe lakhe abamkhethe ngokumethemba.
Ngendlela ubugebengu obudlondlobele ngayo sebudinga ukuhlangana okuphuthumayo kweKhabhinethi ukuze namaqembu aphikisayo aqhamuke nesisombululo. Kulokhu kuthiwa kuhlangene iqembu elisemandleni kodwa alidingingidi ngobugebengu obudlangile kuphela lilibala zinxushunxushu ezilikhungethe esezenze laze lahlukana phakathi.
Sizophila le mpilo kuze kube nini, kumele uhulumeni uyisukumele le nto kungaze kufike lapho izakhamuzi ziphelelwa ukubekezela. Umuntu osuke ecikekile wenza noma yini ngisho nebeka impilo yakhe engozini. Lukhulu luyeza thina sakhulela emakhaya uma kuvela amafu akhomba ukuthi lingase lidume kwakukhishwa abafana bahlonywe ezindlini kuchelwe ngentelezi ukugwema umonakalo ongase udaleke.
Akusoze kwaphela ukuba sikhalele isikhathi kusaphethe abamhlophe ngoba kusobala njengezinqe zesele ukuthi abamnyama abadalelwanga ukuphatha izwe kuphela sicekela phansi konke esangena emandleni kukhona.
Robert Sipho Mpungose
eShowe