Imibono

Siyohlale simkhumbula uMdlokombane

Lungile Landela|Published

AMAKHOSI ezinye izizwe asola i-ANC ngokunikeza iSilo samaZulu inhlonipho ekhethekile. Lapha sithathwe nowayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zum, ngenkathi ehambele omunye wemicimbi KwaDukuza, ephelezelwa amalungu ekhabhinethi kazwelonke

AMAKHOSI ezinye izizwe asola i-ANC ngokunikeza iSilo samaZulu inhlonipho ekhethekile. Lapha sithathwe nowayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zum, ngenkathi ehambele omunye wemicimbi KwaDukuza, ephelezelwa amalungu ekhabhinethi kazwelonke

MHLELI: Usuku lwangoMashi 12, luyohlale luwuphawu lokukhumbula unomthebe wethu (iSilo uZwelithini).

Okwenza simkhumbule wukuthi ubeyinkosi ebithandwa ngabantu futhi enogazi oluyisimanga, wawungaze ufunge ukuthi uthwele. Ugazi lwakhe belufakazela isisho esithi inkosi ayibekwa kodwa iyazalwa. Uyakuthola lokho ezibongweni zakhe uma imbongi ithi (inkosana kangaNdaba ebekwe ngogazi). Kubuye kube nomusho othi (ungayithathi inyoka igodola, bese uyothisa endlunkulu). Lo musho uchaza ukuthi kunabantu ababengaphansi kwamaphiko eSilo, okuthe uma sesikobandayo basivukela esiswini njengotshwala.

Okubuhlungu wukuthi lesi simo sisazoqhubeka ngoba nesisho sithi (ingwe ayiwashintshi amabala ayo). Imbongi ibuye igadle ngesikhukhukazi ezibongweni zeSilo, nakuso isikhukhukazi kuyenzeka sifukamele amaqanda okuyothi ekugcineni, sithole ukuthi amanye awukulungele ukuchanyiselwa. Okumnandi ngeSilo wukuthi besinenhliziyo emnene futhi kuhlale kubuswa komkhulu. Lokho ukuthola uma imbongi ithi (asilazi izinyo likaMsibi kodwa salibona esedla iqatha lasendlunkulu).

Ngifikelwe umunyu nesibibithwane uma ngibona isithombe sakhe kwiSolezwe langoMashi 11, 2022. Kunesisho esithi umlando waKwaZulu uyohlale uziphinda, kanjalo naseSilweni safikelwa wumunyu nenjabulo ngo-2011. Kungenkathi uMkhandlu weTheku utshala kabusha amathambo kanina uNdlunkulu Thomozile Jezangani Zulu, endaweni yaseMkhumbane. Okwenza oNgangezwe lakhe, afikelwe yisibibithwane ukuthi kwase kuphele iminyaka ewu-50 engalazi idlinza likanina.

Kwabuye kwaqopheka omunye umlando ngoba naye ukhothamele esibhedlela Inkosi Albert Luthuli, okuyindawo engaqhelile kakhulu nalapho kulele khona unina.

Eminyakeni ecela kwewu-50 uMdlokombane ephethe, akukaze kube nezivunguvungu futhi akazange ucabangele isisu sakhe, ubecabangela isizwe. Yingakho siyohlale sikukhumbula ngenxa yokubusa isizwe ngobuqotho.

Ziyofa izinsizwa, ziyosala izibongo!

Z Ntombela

EDURBAN NORTH