Imibono

UTbo Touch uzosibuyisa isithunzi sohlelo lwantambama kwiMetro

Lungile Landela|Published

UTbo Touch uzosibuyisa isithunzi sohlelo lwantambama kwiMetro.

MHLELI: Yize abashayeli bohlelo lwantambama kwiMetro FM bathathwa ngedumela ababenalo lakwiGagasi FM kodwa bafike kulesi siteshi bahluleka bancama ukuveza okubenze balandelwa yizihlwele.

Empeleni uSphe noNaves bahle impela kodwa ababahlele ukuyosakazela umsakazo onjengeMetro FM. Kunesikhathi lapho bake bagxekwa kakhulu kwiMetro FM kuthiwa luyabehlula uhlelo lwantambama. Yebo, kunjalo impela luyabehlula lolu hlelo lwantambama.

Ngiyacabanga ukuthi iMetro FM ibisibabekezelele kakhulu ngokubanika isikhathi esanele ekuhlanganiseni uhlelo.

UTbo Touch uzosibuyisa isithunzi sohlelo lwantambama kwiMetro.

Sizomkhumbula uTbo Touch weTouch Down obelushayela lolu hlelo eminyakeni eyedlule yize washiya wathi uyovula i-online radio. Yize i-online radio iyinhle kodwa ayibasebenzeli abaningi ngenxa yokubiza kwedata kuleli lizwe lakithi. Okungijabulisayo ukuthi uyabuyela emsakazweni avuthwa kuwo, iMetro FM. Mina ngangimthanda esefaka ezokholo ngoMsombuluko, abuye asifakele umaskandi futhi okwakuyinto esasiyeshwama kulo msakazo. Uyabona into engiyisolayo eyenza abasakazi abaningi bahluleke ukubamba umgqigqo wohlelo ukuthi balandela kakhulu imibandela esuke ikhishwe umphathizinhlelo.

Okumele bakwazi ukuthi abasakazeli umphathizinhlelo kodwa basakazela abalaleli abasuke belangazelela okuhle kodwa, ikakhulukazi kulezi zinhlelo eziwumgogodla womsakazo, okuwuhlelo lwasekuseni nolwantambama. Kuyiqiniso elingeke laphikwa ukuthi umsakazo nomsakazo umiswe yilezi zinhlelo ngakho kufanele uma befaka umuntu noma umsakazi, kube ngonohlonze nosemnkantshubomvu kwezokusakaza. UTbo Touch uzosibuyisa isithunzi sohlelo lwantambama ebesesilahlekile. Okumele kwenziwe yiMetro FM wukulanda uBonang "Queen B " Matheba owayelubamba luthule umoya uhlelo luka-9 kuya ku-12 emini ngoba uDineo "Makhosi" Ranaka ubukeka engawuhloniphi umsakazo ngokuhlale engekho emsebenzini. Uma ngabe umphathisiteshi nomphathizinhlelo beMetro FM bengayibamba kanjalo, singabona izibalo zabalaleli zenyukakulesi siteshi. Silulindele ushintsho nakweminye imisakazo ngoba kukhona okungahambi kahle kuyo.

KHABZELA KB MZIMELA

EZWELIBOMVU