Imibono

Bayakhumbuleka abasakazi bakudala oKhozini

Lungile Landela|Published

VUSIZWE LANGA

VUSIZWE LANGA
PHILISIWE MEMELA

MHLELI: Nginakho ukubuka izinto ezenzeka ngakhona emsakazweni esiwuhloniphayo, Ukhozi FM. Namanje ngisasho ukuthi ngabe ukude umsakazo ukube kusekhona uLinda Sibiya, Lucky Sefatsi, Sthandwa Nzuza, Diva Ngcobo, Vusizwe Langa, Ngizwe Mchunu, Khetha Gwala nomfundi wezindaba owayekuthatha akubeke, uPhilisiwe Memela.

Bazongifakazela ababelalela Ukhozi FM ngalezo zikhathi ukuthi lwaluzihambela lodwa. Khona lapho uma kuthiwa lufike eMphithi kwiRoyal Show, sasiqasha amatekisi sisuka eMpangeni, sinikele khona eMgungundlovu, siyobona abasakazi esibathandayo.

Ngiyafisa ngelinye ilanga abaphathi boKhozi bake basibuyisele bona. Kumanje bahlanu nje abasakazi abasoKhozini ngokufanele, bonke laba abanye bandise isibalo nje, abalaleleki ngisho besezinhlelweni zabo. Sizothini ngoba asiyilutho thina balaleli kulo msakazo futhi asinazwi nje? Abaphathi yibona kuphela abathatha izinqumo ezivuna bona. Kwawona la ma-million abawabalayo kumanje bawathola ngabasakazi bakudala engibabalile ngenhla.

Thanda ’Mnikaziwempuphu’ Chonco

KWAMTHETHWA